I-VW T-Roc ezokwethulwa ngasekupheleni konyaka
Image: Sithunyelwe
U-2026 unyaka obalulekile kwaVolkswagen njengoba le nkampani igubha iminyaka engu-75 yasungulwa.
Imigubho iqalile kwaVolkswagen Group Africa beqinisekisa izinhlelo zabo zanonyaka zokwethula izimoto ezintsha neziza ngomuso embuthanweni waminyaka yonke i-VW Indaba, obusefemini yabo eseKariega, eGqeberha, kuleli sonto.
Nonyaka umgubho uhlanganise nezinye izinkampani ezingaphansi kweVW okuyi-Audi neyezithuthuthu iDucati.
Isikhulu sakwa-VW Group Africa, uMartina Biene, sithe ngonyaka odlule bakhiqize izimoto ezingu-156 837 efemini.
Umthamo omkhulu wazo okungu-119 771 udayiswe emazweni angaphandle kwakuleli kwathi ezingu-37 066 zathengwa amakhasimende aseNingizimu Afrika.
Ujoyine izikhulu zezinye izinkampani ezikhiqiza kuleli ngokukhathazeka ngokwanda kwezimoto ezilandwa ngaphandle, ikakhulu e-India naseChina.
Audi Q3
Image: Sithunyelwe
Uthe izinhlelo zabo zokwakha iSUV encane eKariega, iTengo, zihamba kahle ngoba ingase ivezwe okokuqala ngasekupheleni konyaka ngaphambi kokuqala ukudayisa ngonyaka ozayo.
Ngonyaka ozayo uveze ukuthi bazoqala ukwakha iPolo eyi-mild hybrid futhi basazoqhubeka nokuthumela izimoto emazweni ase-Europe kuze kube u-2035.
Uthe uhulumeni kumele uphothule imigomo yemihlomulo ezokweseka abatshala imali ezimotweni ezingama-new energy vehicle, kubuyekezwe intela ukuze ezakhiwe kuleli zibe nentela ephansi nokunye.
Ngaphandle kokugubha iminyaka engu-75 kweVW, intandokazi iPolo igubha iminyaka engu-30 eNingizimu Afrika. I-Audi quattro all-wheel drive system igubha iminyaka engu-45, injini yakwa-Audi eyi-5 cylinder ihlanganisa iminyaka engu-50 ikhona kuthi iDucati igubhe iminyaka engu-100 yaqala.
Ngekota yokuqala yonyaka kwa-VW bazokwethula iPolo Vivo Xpress ekhishwe izihlalo zangemuva kwengezwa isikhala sokulayisha impahla.
Izolandelwa yizinhlobo ezintsha zama-Amarok okuyiStyle enamandla angu-125kW, iDark Label ne-Aventura efuqa 222kW.
I-Polo Vivo izothuthukiswa ngokwengezwa ezokuphepha okuyi-airbag yasezinhlangothini, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla kanjalo nama-sensor asiza ukuthi ungashayisi ngemuva.
Kuyona le kota yokuqala yonyaka kuzokwethulwa iPolo GTI Edition 20 eshintshwe indlela ebukeka ngayo.
Kuzothi ngokuqhubeka konyaka kutheleke iT-Roc entsha sha nebhasi i-T7 Caravelle enenjini engunhliziyombili njengoba ihamba ngophethroli nogesi webhethri elishajwayo.
VW Caravelle Multivan
Image: Sithunyelwe
Empeleni izinjini ezingonhliziyombili yinto abayibeke eqhulwini kwa-VW ngoba ezingama-mild hybrid zizofakwa kumaGolf, Tiguan, Tayron nezinye.
Ngonyaka ozayo zingase zilandelwe ngezingama-plug in hybrid kwiTiguan neTayron.
Kwa-Audi South Africa, abadayise izimoto ezingu-5 350 ngonyaka odlule, bazokwethula iQ3 entsha, Q5 neRS etron GT Performance nonyaka.
I-Ducati, ezohlanganisa unyaka owodwa idayisa ngokugcwele kuleli, izokwengeza amagaraji ayo okukhona neliseMhlanga.
Yethula nezithuthuthu ezintsha okubalwa kuzo iPanigale V4 R, Panigale V4 Lamborghini nezinye.
Related Topics: