Ezemidlalo Ezezimoto

Uvalo ngokushoda kwamaphathi ezimoto ezingasadayisi

Fanelesibonge Bengu|Published

IPUMA engasadayisi emagaraji akwaFord eNingizimu Afrika

Image: SITHUNYELWE

UKUSHUBA kombango wabathengi ezinkampanini nokufika kwezimoto ezintsha kwenza ukuthi ezinye zigcine zingasadayiswa eNingizimu Afrika.

Phakathi kwezimoto ezivalelisile emakethe yakuleli kubalwa iNissan NP200, iFord Puma, iHyundai i30N neKona N, Audi A4 nezinye.

ISouth African Motor Body Repairers' Association (Sambra) eyilungu leRetail Motor Industry Organisation (RMI) ixwayise ngokuthi lokhu kuza nobungozi bokushoda kwamaphathi ezimotweni ezingasadayisi.

Umqondisi kazwelonke weSambra, uJuan Hanekom, uthe ukuhoxiswa kwezimoto emakethe akusho ukuthi ayisekho emagaraji kuphela.

"Kungasho ukuthi kuba nzima ukuthola amaphathi ngokuhamba kwesikhathi. Zilokhu zinyuka izigameko lapho izindawo ezilungisa izimoto zibambezeleka ngokuthola amaphathi abalulekile ezimoto ezingasadayisi nokushiya izimoto zingashayeleki noma kuthathe izinyanga ukuthi zilungiswe," kusho uHanekom.

ISambra ithe le nkinga akuyona eyenkampani eyodwa. Uthe uma kwehliswa umthamo womkhiqizo kujwayelekile ukuthi izinkampani zishode ngamaphathi athize kusuka kwawomzimba wemoto nama-sensor kuya kumaphathi kagesi.

Uthe lokhu kugcina kuphoqa izindawo ezilungisa izimoto, ngokuvumelana nomshwalense, ukuthi zigcine zicabanga ukusetshenziswa kwamanye amaphathi angewona ungqo kodwa agunyaziwe noma angamasekeni asezingeni ukuze kulungiswe imoto.

UHanekom uthe abanikazi bezimoto kumele baqonde ukuthi yini efakwa emotweni yabo nokuthi kungani.

"Uma amaphathi angungqo engekho, izindawo ezisemthethweni ezilungisa izimoto zizosebenzisa afana nawo agunyaziwe aphephile futhi asezingeni. Yimizamo yokuthola indlela ephephile yokubuyisela izimoto emgwaqeni uma amaphathi angungqo engekho," kuchaza uHanekom.

Ukhiphe nanka amathiphu kubanikazi bezimoto:

1. Bheka ukuthi imoto yakho ayisadayisi yini noma yashintshwa futhi buza igaraji lakho noma umshwalense ngokutholakala kwamaphathi.

2. Uma ufuna isinxephezelo sokulungiselwa imoto, khuluma nomshwalense wakho nenkampani ekulungiselayo ngamaphathi okungewona ungqo nesikhathi ozosilinda.

3. Khetha izindawo ezisemthethweni ukuze uqinisekise ukuthi amaphathi angamasekeni asetshenziswayo ahloliwe futhi afakwa kahle.

4. Okunye ukulinda akugwemeki kodwa ukukhuluma kusanesikhathi nomshwalense wakho nendawo ekulungisela imoto kungagwema ukucasuka okungenasidingo.