Ezemidlalo Ezezimoto

Wafakwa yinkani ematekisini uMaSibal'khulu kaCandy Crush

Fanelesibonge Bengu|Published

UMASIBAL'KHULU netekisi yakhe uCandy Crush

Image: Sithunyelwe

UZINHLE “MaSibal’khulu” Dhlamini ugqama esixukwini samadoda uma sekuncintinswana ngobuhle nangenhlanzeko yamatekisi eMdlalweni Wamanzi.

Lona wumdlalo onedumela lapho abanikazi bamatekisi, kokunye amaveni nezimoto ezincane, bencintisana khona phambi kwezinkumbi zabantu.

UMaSibal’khulu (30), obuye ateketiswe ngeQanda LeCountry, usezakhele udumo kulo mdlalo ngamatekisi akhe amabili abizwa ngoCandy Crush noSponge Bob.

“Into engenze ngathanda umdlalo wamanzi yinkinga yenkani engiyisebenzisayo yokuthi lapho abantu bethi abesifazane ngeke bangene khona ngingena khona. Ngithanda izimoto ezihlanzekile. Ngoba nginetekisi uCandy Crush ngothando enginalo ngaye ngathi awuthi ngimpende ngimfake emdlalweni,” kusho uMaSibal’khulu.

Uthe waqunga isibindi wangena emdlalweni ogcwele abantu besilisa kodwa ulokhu enqoba kweminingi aseyihambele. Lokhu sekumdalele abalandeli nasezinkundleni zokuxhumana lapho elandelwa khona yizinkulungwane zabantu. Yibo belu abalandeli abetha izimoto zakhe amagama ezigcina zaziwa ngawo.

“Ulimi abalusebenzisayo bathi ngithuma uphuthu ngoba ngithola izindondo. Igcina isikhula le nto ngawelelela nakwamanye amazwe. SinoCandy Crush sibuya eSwatini. Konke lokhu kungenze ngabona ukuthi njengomuntu wesifazane uyakwazi ukungena lapho okuthiwa akungenwa khona futhi uvelele.”

ITEKISIi kaMaSibal'khulu uCandy Crush ezakhele udumo emdlalweni wamanzi nasezinkundleni zokuxhumana

Image: Sithunyelwe

Uthando lwezimoto kuMaSibal’khulu uthe luqale esebenza enkampanini ezicangcathayo (panel beater) lapho yena ayezamukela ezihlole ukuthi zinani. Akuphelanga sikhathi esingakanani wathenga iRenault Clio ebizwa ngoNkosenhle.

“Ngathi awuthi ngiyishintshe ngibone ukuthi uma ngiyifaka ama-rim ngithi nokuyehlisa kancane izoba njani.”

Ube eseyilamanisa netekisi uCandy Crush othutha umphakathi eBhamshela. Ungena ematekisini nje, uthe wayesaqhuba yona inkani yakhe yokuthi akumele kube nezinto abesifazane okungamele bazenze.

“Uvalo anginalo. Bahlale bethi kule mboni akuphephile ngathi ngifuna ukubona ukuthi kunjani. Amatekisi akusiyona into engikhule kuyo, ngiyithole manje nje. Ikhule kakhulu ngemuva komdlalo wami wokuqala eNkandla ngabona ukuthi empeleni ngiyawathanda amatekisi.”

Uthe ube esethenga enye ebizwa ngoSponge Bob nayo esebhizinisini. Uveze ukuthi ibhizinisi yinto afuna ukungena agamanxe kuyo njengoba iClio yakhe eseyisebenzisa njenge-Uber. Ngaphandle kwayo, uneRenault Kwid eyethiwa ngoNkazimulo nayo ethutha abantu. Uphinde abe nelondolo ewasha izimpahla kanjalo nenkampani yonogada asanda kuyivula.

Ngaphezu kwalokhu unenhlangano iMaSibal'khulu Foundation ebhekelela abampofu ngokudla, umfaniswano wesikole nokunye.

UZINHLE "MaSibal'khulu" Dhlamini

Image: Sithunyelwe

“Nsukuzonke ngihamba ngeHaval Jolion ebizwa ngoMajama. Yona angiyenzanga lutho ngiyithanda inje. Ine-rim ne-sunroof ngakho i-sporty ngendlela engiyithandayo.”

Yize engafuni ukungena agxile ngempilo yakhe yasesithe kodwa uthe uhlala eThekwini, akashadile futhi akanazo izingane.

“Ukhona kodwa umalume wabashana engiphila naye. Bamazi kanjalo kwiTikTok ngoba mina ngiwumalumekazi,” usho kanje.

UMASIBA'LKHULU nezindondo ezanqotshwa yitekisi yakhe uCandy Crush

Image: Sithunyelwe

Udalule ukuthi uhlela ukwandisa izimoto ngemali aqashwa ngayo uma ezakhe ziyoncintisana nezabanye emdlalweni.

“Abalandeli bavele bathi bafuna ukubona uMaSibal’khulu bese beyangifonela bangiqashe ngoba bebona ukuthi abantu bazoba baningi. Ngaleyo mali ngizothenga enye imoto ngiyifake emsebenzini nasemdlalweni ngoba sengiyayithanda le nto. Yinto nabanye besifazane okungamele kubathuse ukungena kuyo. Iba nale nto ethi ngiyangena la kungangenwa khona. Ungezwa ngabantu bethi kuyadutshulwana noma kunjani.”

Uthe yena abambuki njengomuntu wesifazane futhi bamemukela kahle bamvikele.