U-SAM Sam edlala okokuqala iGusheshe yakhe entsha kwiRed Bull Shay'iMoto eThekwini, ngempelasonto
Image: Red Bull Content Pool
UMPETHA ekushayeni izidudla ngemoto uSamkeliso “Sam Sam” Thubane, unike abantu ithuba lokumsiza ukwakha imoto yakhe entsha yokudlala iBMW E30 eteketiswa ngele-Ultimate Gusheshe.
USam Sam uqophe umlando ngonyaka odlule ekhethwa njengenxusa lakwaRed Bull lokuqala elishaya izidudla emhlabeni jikelele.
Lokhu kumenze wahambela namazwe omhlaba njengoba esanda kuya e-Austria, lapho emangaze khona izethameli okubalwa kuzo nompetha weFormula One, uMax Verstappen.
U-SAM Sam Thubane
Image: Red Bull Content Pool
USam Sam uzakhele nodumo ngokunqoba umncintiswano iRed Bull Shay’iMoto ngo-2021 nango-2022 ngaphambi kokulala isibili ngonyaka odlule.
Usebenzise umncintiswano wanonyaka, obuseSun Coast Casino eThekwini, ngempelasonto edlule, ukwethula imoto yakhe entsha. Ubengekho sembangweni wesicoco esigcine sithathwa uPanjaro ohlule uBoksie kowamanqamu obezama ukusivikela.
“Kuyisibusiso ukuba yinxusa lakwaRed Bull. Kuwukufezeka kwephupho kimi njengomfana omncane ngoba kade ngifuna ukuthatha umdlalo wokushaya izidudla ube sezingeni lomhlaba. Manje njengoba iRed Bull isinami, izinto seziyenzeka,” kusho uSam Sam.
Uthe i-Ultimate Gusheshe kumthathe izinsuku ezingu-29 ukuyakha. Unike umphakathi ithuba lokuthi ufake imibono ukuthi ibukeke kanjani futhi bangaphezu kuka-400 abathumelile.
Njengoba amaGusheshe okushaya izidudla abanye abashayeli bewashintsha injini kokunye bafake ezingamaV8 zakwaLexus, uSam Sam uthe elakhe linenjini yakwaBMW iM20.
Injini eke yaba kwi-325i eyi-straight six.
“Isizathu sokufaka i-M20 ukuthi besifuna ukuyigcina iyiyona imoto abantu babone ukuthi ukushaywa kwezidula kusuka kuphi. Ngiqala ukudlala ngo-2010 njengomfana ona-12, ngaqala ngeM20 ngase ngiyayithanda ikakhulukazi ukuduma kwayo nendlela ephakama ngayo. Yiyona njini engiyithandayo kuzo zonke.”
Uthe okunye abakwenzile ukushintsha i-suspension, ngaphakathi bafaka ama-bucket seat, i-roll cage nokokucima umlilo uma kuba nengozi.