Caster Semenya
INKAMPANI yezimpahla zemidlalo iNike ayizange isishiye ngaphandle isihlabani nomgijimi waseNingizimu Afrika, uCaster Semenya, emkhakankasweni wayo i-Just Do It.

USemenya ngempelasonto unqobe umjaho wakhe ka-29 engahlulwa kwi-800m. Ubonakala kwi-video emfushane yakwaNike lapho ebuyekeza ngohambo lwakhe kusukela esakhula emakhaya eLimpopo eze afinyelele ezingeni lomhlaba.

Lo mpetha womhlaba wama-Olympic ubonakala kule video ayifake ekhasini lakhe kwiTwitter ebuza ethi: “Bekungaba lula kuwena uma kuthiwa anginalo ijubane? Kungalula uma ngingayeka ukunqoba? Ubuzophatheka kangcono uma kuthiwa bengingazigqaji? Ubuzojabula uma kuthiwa angisebnzi ngokuzikhandla noma kuthiwa angigijimi kwakhona noma ngakhetha umdlalo ohlukile? Okanye kuthiwa ngayeka ngisacathula?”

USemenya usebhekane nokugxekwa okukhulu kusukela agqama ezingeni lomhlaba enqoba isicoco somhlaba kwi-IAAF Athletics Champs eBerlin, eGermany ngo-2009.

Kuyimanje ulindele isinqumo esizothathwa iCourt of Arbitration for Sports ngesikhalo asifaka esiphikisana nomthetho omusha ozophasiswa ngoNovemba 1 yinhlangano eyengamele ezokugijima emhlabeni, i-IAAF. Ngasekuqaleni konyaka i-IAAF imemezele umthetho wokuthi abesifazane imizimba yabo ekhiqiza i-testostrone engaphezulu kweyejwayelekile bangagijimi kwi-400m, 800m ne-1500m.

Kuthiwa abagijimi abasesimeni sikaSemenya kumele badle amaphilisi azokwehlisa i-testosterone uma bezimisele ngokudlala kula mabanga.

View this post on Instagram

Too fast? Too bad. I was born to do this. #justdoit

A post shared by Caster Semenya (@castersemenya800m) on

Uma uSemenya engazimisele ngokudla le mishanguzo kungamele adlale kwi-100m, 200m noma aye ngaphezulu kuka-1 500m.

UMichael “Sponge” Seme owayeqeqesha uSemenya ngesikhathi edla ubhedu ngo-2009, usishayela ihlombe isinqumo salo mgijimi sokuluyisa enkantolo lolu daba.

“Kumele laba bantu (IAAF) basikhiphele uhla lwabanye abagijimi abesisimeni sikaCaster ukuze sibone ukuthi akuqondiwe yena kuphela. Kuyangixaka nokuthi amadoda wona awabaliwe ngoba nakuwona akhona ashaya izikhathi ezixakile. Kunabagijimi abashaya cishe amahora amabili emijahweni (42km). UMoh Farah yena wayengahlolwa ngani, u-Usain Bolt yena? Ngoba nakwebesilisa bakhona abakhiqiza i-testosterone engaphezulu kunale ejwayelekile,” kusho uSeme.

Uveze ukuthi ngesikhathi uSemenya ehlolwa ngo-2009 wawadla la maphilisi ashiwoyo.

“Akazange amphathe kahle. Wayejuluka into engapheli aphathwe nayisiyezi. Lokhu kwakugcina kuthikameza indlela yakhe yokujima okunomthelela ongemuhle uma sekufanele aye emiqhudelwaneni ngoba wayengenzi kahle.”

Ngokwakhe uSemenya angakwazi ukwehlela kwi-200m uma kunesidingo.

“Njengoba ekwazi ukugijima u-49.00 kwi-400m kusho ukuthi angawushaya u-22.00 ku-200m. Ngokwami lokho kungamthatha izinyanga ezintathu. Laba abanye sebengamuhaya ngamaqhinga nokuthi bona bayakwazi ukusuka ngejubane. Into wukuthi amabanga amafushane ayakulimaza imisipha uma ujwayele amade noma aphakathi,” kusho uSeme.