WENZE okungajwayelekile umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uSteve Komphela ecula nabalandeli beBloemfontein Celtic eshaye ezakhe ngo 5-0 emdlalweni we-Absa Premiership eDr Petrus Molemela Statdium ngeSonto.
Lo mqeqeshi okhonjwa kwiBafana Bafana usheshe wayivuma induku ngemuva komdlalo wakhala ngamathuba iqembu lakhe eliwaphe iCeltic, yawathatha.
ICeltic iqale ukuwavalela phakathi ngomzuzwana ka-39 uqalile umdlalo ngegoli lilaNdumiso Mabena. Kuqale ukucaca ukuthi azihlangene kahle eze-Arrows emuva ngesikhathi uMenzi Masuku eshaya elesibili ngomzuzu wesi-12 kanti kuphele isiwombe sokuqala ihamba phambili ngamagoli amathathu. Elesithathu livalelwe uHarris Tchilimbou ophakelwe uMabena obe ngumdlali ovelele kulo mdlalo.
Igoli lesine livalelwe nguMzwanele Mahashe olingqofe ngekhanda kulandela ikhona etholwe yiCeltic.
UNozinti we-Arrows ubethwele kanzima njengoba iCeltic ibilokhu ize njalo ihlasela, ize yavalela elesihlanu ngomzuzu ka-79 okube yigoli lika-Andile Fikizolo.
Ngemuva komdlalo uKomphela uyivumile induku wathi ngemuva kwesiwombe sokuqala ubenethemba lokuthi ezakhe zingase zibuye zishaye amagoli amathathu nazo zijike izinto. Uthe ngaphandle kokuba umqeqeshi we-Arrows, imchazile indlela iCeltic edlale ngayo futhi wayishayela ihlombe.
Kungakapheli sikhathi esingakanani kade ekhuluma nabeSuperSport, uKomphela ubonakale eseyocula nabalandeli beCeltic iningi labo ebelisagcwele enkundleni libungaza abadlali nomqeqeshi uLehlohonolo Seema.
Buka uKomphela ecula nabalandeli beCeltic:
%%%twitter https://twitter.com/dailysunsa?ref_src=twsrc%5Etfw">@dailysunsa @SunSportSA pic.twitter.com/chmQSninJj
— Kgomotso Mokoena (@KgomotsoMokoena)