UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uhlambuluke ngokuthi ukuxakwa yiKaizer Chiefs enkundleni kumenze wagcina elincamela iphuzu emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo.
ISundowns igcine inqobe ngo 2-1 emdlalweni ebikade ilandela kuwona izithunzi uqala waze wayophela. Ibikade ibekwe phambili ngu-Anthony Laffor ngomzuzu wesithathu umdlalo uqalile kodwa uWillard Katsande washayela iChiefs elokulinganisa. Sekusele imizuzu eyisishiyagalolunye umdlalo uphele, unozinti weChiefs, uVirgil Vries, wenze iphutha weqiwa yibhola walivalela phakathi uLebohang Maboe.
Ngokuwina lo mdlalo, iSundowns iqhubekile nerekhodi layo lokungehlulwa kusukela kuqale isizini ka-2018/2019. Iphule elomqeqeshi weChiefs * -Ernst Middendorp lokungehlulwa kusukela ebuyile eNaturena.
UMosimane uvumile ukuthi bekungabafanele ukuphuma namaphuzu amathathu eFNB Stadium.
“Ukucazelana ngamaphuzu bekuzoba wumphumela okahle. Kodwa ibhola ngoba liyibhola ngeke ungajabuli ngokuthola amaphuzu amathathu. Bengikade sengikwamukele ukuthi sizodlala ngokulingana. Amaphutha ayenzeka ngoba uyawaphoqa ukuthi enzeke. Ngikhumbula silapha nyakenye emdlalweni weligi, sazizwa ngendlela efanayo ngesikhathi uBangaly (Soumahoro) elishaya ekhaya. Namuhla bekuyisikhathi sethu sokuhlomula. Lo mdlalo siwuntshontshile,” kusho uMosimane.
“Bekuwumdlalo onzima ikakhulukazi ngoba siphuma emaholidini. Lo mdlalo uyafana nesiwudlale neChiefs ekhaya. Kuyabonakala ukuthi iChiefs yiqembu elihlukile, lihlelekile. Bekunzima kithina, kungaqondakali esiwombeni sokuqala ukuthi idlala kanjani. Kusithathe isikhathi ukuthola ukuthi badlala kanjani. Emuva kokushaya igoli lokuqala sishone phansi ngoba iChiefs idlala ngendlela ehlukile, ngendlela ebengingayilindele. Kodwa bengibheke okuthize okuhlukile. Sithwale kanzima ukumaka uGeorge (Maluleka) ngoba uyena obekade ephaka amabhola, uLebo ubesithwesa inkinga kwesokudla. Ngiyazibuza ukuthi mangaki amaqembu azoza lapha athole amaphuzu. Akulula. Kungithathe isikhathi nami (ukubona ukuthi badlala kanjani). Ngesikhathi sekhefu kudingeke ngilungise izinto.”
ISundowns idlale ngaphandle kwabadlali abamqoka uThemba Zwane, Denis Onyango noWayne Arendse abalimele.
UMosimane uphinde wasikhomba kwiBidvest Wits isicoco seligi ngenxa yokuthi izinkunzi zixineke emidlalweni yeCAF. I-Orlando Pirates esendaweni yesibili idlulele esigabeni samaqoqo kwiChampions League. IChiefs ilwela ukungena kowamaqoqo eConfederation Cup. AmaBrazilians azoqala eyamaqoqo neLobi Stars yaseNigeria ngoLwesihlanu ekuhambeni.
“Kusukela manje sizodlala njalo ezinsukwini ezintathu. Isikhala esinaso esezinsuku ezine kuphela singadlali ibhola. Sizodlala imidlalo ewu-32 kusukela manje. Yisizini leyo, yiligi. Ukuhamba nokulimala kwabadlali. Besingamdlalisa * -Onyango kodwa sinemidlalo eyisithupha ezayo, sizomdinga,” kusho uMosimane.