UNOZINTI waMaZulu FC uSiyabonga Mbatha, akayizwa eyokusala kwakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana elizobhekana neLibya emdlalweni onzima wokuhlungela i-Africa Cup Of Nations (Afcon) kule nyanga.
UDarren “Popayi” Keet weBidvest Wits, Ronwen Williams weSuperSport United noBruce Bvuma weKaizer Chiefs yibona onozinti abaqokwe wumqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, esikwatini asimemezele izolo eSafa House eGoli.
UMbatha ngomunye wonozinti obekubhekwe ukuthi abizelwe kwelesizwe ngenxa yokuthi akangenelwanga yigoli emidlalweni eyisishiyagalolunye ye-Absa Premiership. UWilliams noPatrick Tingyemb weBloemfontein Celtic bahamba phambili kwi-Absa Premiership ngokungangenelwa amagoli emidlalweni eminingi.
Bobabili abangenelwanga ngamagoli emidlalweni eyishumi yeligi. Nakuba uMbatha elandela ngemuva kubona ngomdlalo owodwa kodwa ubesadlale imidlalo emincane kunabo.
“Akumnandi nhlobo ukusala esikwatini, kubuhlungu kakhulu. Ngokwami bengibona kungifanele ukuyodlala khona kodwa akwenzekanga. Kuyacaca ukuthi kukhona mhlawumbe engingakwenzi kahle, umqeqeshi (esho uBaxter) anganeme ngakho. Akukho engizokwenza ngaphandle kokuthi ngizinikele, ngiqhubeke nokudlala ngethemba lokuthi ngiyobizwa ngelinye ilanga,” kusho uMbatha.
ULunga Sokhela, isikhulu esiphezulu oSuthwini, usanda kubhala ku-twitter ukuthi ubesilendele ngabomvu isikwati seBafana Bafana ngoba unozinti wezakhe ugila izimanga.
“Akusenani, simfisela inhlanhla uBvuma. UMbatha kuzofanele aqhubeke asebenze ngokuzimisela ngoba liyeza elakhe ithuba,” ubhale kanje uSokhela ku-twitter izolo.
This argument of age annoys me... Goalkeepers can play beyond 40 at the highest level... Don't say a player that has up to 10 good years is too old to pick. Utter BS
— Lunga Sokhela (@Lunga_Sokhela) March 12, 2019
And ask your friend where that age argument was when Robyn Johannes was selected at age 31 because he had hit a good run of form- that was his reward from Baxter???? Where is the future planning there?
— Lunga Sokhela (@Lunga_Sokhela) March 12, 2019
Phakathi kwabadlali abashaye ibuya kwiBafana uLars Veldwijk, odlala kwiSparta Rotterdam yaseHolland, noBongani “Ben10” Zungu, odlala kwi-Amiens eFrance benoRivaldo Coetzee weMamelodi Sundowns abebehlushwa wukulimala.
IBafana kufanele iqinisekise ukuthi ayishaywa kulo mdlalo, ngaleyo ndlela iyozibekela indawo e-Egypt okuyiyona ezophatha umqhudelwano nonyaka.