UKUSHAYA udaka kweKaizer Chiefs enkundleni kuholele ekutheni usihlalo weqembu uKaizer Motaung abancishe imiklomelo yokuphela kwesizini.
UMotaung esitatimendeni esifakwe kwi-website yeqembu ngoLwesibili, uthe ukuphela kwesizini yesithathu iqembu lilambatha yikhona okuholele ekutheni bangabi nawo umcimbi wokubonga abadlali.
Lolu sizi lwenzeke ngaphansi kobuholi bukaSteve Komphela. UKomphela obekuyisizini yakhe yesithathu kuMakhosi, ushiye isigubhukane ngenyanga edlule ngemuva kokuthi abalandeli bevuke inj’ebomvu balimaza inkundla, iMoses Mabhida kulandela ukuwashiswa ijezi iFree State Stars kowandulela owamanqamu eNedbank Cup.
Kungokokuqala emlandweni ukuthi iChiefs ingabi nawo umcimbi wokuvala isizini.
“Kuwusiko kithina ukuthi sibe nomcimbi lapho iqembu libonga abadlali, abaqeqeshi nabo bonke abasebenzi ngomsebenzi oncomekayo abawenzela iqembu isizini yonke. Nokho kule sizini sibe nezimo ezimbi lapho iqembu liqede unyaka wesithathu lingaphakamisanga neyodwa indebe. Isinqumo sethu sibe yingenxa yokungenami esinakho ngendlela iqembu elenze ngayo nokuhluleka wukuzuza ebesizibekele khona kule sizini,” kusho uMotaung.
Uthe bazosebenzisa lesi sikhathi ukukhuculula ukuze balungiselele isizini entsha njengoba kungekudala bezomemezela umqeqeshi omusha. Ugcizelele elokuthi abadlali kuzomele ngesizini ezayo balwele ukubuyisa udumo lweqembu lokuwola izicoco.
Kule sizini iChiefs iqede ihleli endaweni yesithathu kwi-log ye-Absa Premiership, okusho ukuthi izodlala kwiCaf Confederations Cup yangesizini ezayo. Izophinde iyibambe kwiMTN 8 lapho izobhekana neStars kuma-quarterfinal.
Abalandeli beChiefs abaphawule ekhasini layo kwi-Facebook lapho kufakwe khona isitatimende, basishayele ihlombe isinqumo sikaMotaung.
“Yeah, kuhle lokho. Sebenzisa imali ukuthenga abadlali abalambile futhi abasezingeni. Sidinga izindebe ngesizini ezayo. Awucabange nje amasizini amathathu singanqobi lutho, ai ngeke,” kusho uDaniel Bryan Laston.
USeleka Kamuke Itswabare uthe: “Lesi yisinqumo esihle kakhulu. Abafanelwe yilutho. Sidinga abanqobi, amasosha azofela enkundleni. UShaka Zulu wayelibulala ibutho elalinenxeba ngemuva, ngiyabonga ukuthi nawe uyabona ukuthi uphethe abadlali abangekho ezingeni.”
Abanye bathe kungcono imiklomelo inikezwe iqembu leMultichoice Diski Challenge eliphekwa u-Arthur Zwane, elinqobe iDiski Shield Cup.