UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane useqinisekise ukuthi abadlali bakhe bazolulekwa ngokwengqondo ngaphambi kokufulathela izwe belibangise eSeychelles lapho bezodlala khona neCote d’Or FC emdlalweni womlenze wokuqala weCAF Champions League.
UPitso uveze ukuthi abanye abadlali bakhe bathukile ngenxa yokubhebhetheka kodlame olubhekiswe kubantu bokufika eNingizimu Afrika, okungadala ukuthi amanye amazwe aziphindisele kubona.
ISundowns ezodlala ngoMgqibelo womhlaka 14 Septhemba, izovakashelwa osonhlakahle kanye nodokotela bengqondo ngenhloso yokusiza abadlali bemelane nengcindezi yokudlala ezweni langaphandle njengoba kusaqhubeka izinxushunxushu zodlame kuleli.
“Asikwazi ukuyithatha kancane lendaba ngokuthemba ukuthi yonke into izolunga. Kumele thina njengeqembu silwisane nalesi sihlava sokuhlaselwa kwabantu bokufika, esesishiye abantu bethukile, behlukumezekile futhi besabela nezimpilo zabo. Sizobamba imihlangano lapho abadlali kanye nemindeni yabo bezolulekwa ngokwengqondo ukuze bezobhekana nalesi simo,” kuchaza uPitso ecashunwa abeDaily Sun.
UPitso uveze ukuthi isimo sishubile ekhempini yeSundowns njengoba abadlali besabela izimpilo zabo. “Sidinga ukulekelelwa ngabaholi besizwe. SiyiSundowns, sifuna ukuthatha izinyathelo ezingqala ukuze singabi nezinkinga phambili, ikakhulukazi uma siyodlala emazweni angaphandle. Umoya wabadlali uphansi kakhulu ekhempini futhi angeke wazi ukuthi abadlali bacabanga ini. Angeke ngibasole. Lento ayikho mayelana neqembu kuphela kodwa ithinta abadlali nemindeni yabo,” kusho uJingles.
IDowns bekulindeke ukuthi ibhekise amabombo eSeychelles ngoLwesibili kodwa izinhlelo zayo kungenzeka ziphazamiseke njengoba izoletha obeluleki ngokomqondo abazosiza ukudambisa isimo ekhempini.