UMA kungaya ngamazwi omqeqeshi waMaZulu FC kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC), Usuthu luzobanjwa kude kule sizini kulo mqhudelwano.
U-Ayanda “Cobra” Dlamini opheka leli qembu kwiMDC uthe ezakhe zizimisele ngokushaya kwasani kule sizini wathi ufuna zibalwe namanye amaqembu azobe ejaha isicoco uma umqhudelwano usuya ngokushuba.
USuthu luthele othulini i-Orlando Pirates ngo 3-1 emdlalweni weMDC eHammarsdale Stadium ngeSonto. UDlamini utshele abezindaba ngemuva komdlalo ukuthi ujabule ngendlela abafana bakhe abadlale ngayo bebhekene neBucs wathi kule sizini Usuthu luzobanjwa kude kakhulu.
“Kule sizini sifuna ukubalwa namaqembu ajaha isicoco. Sifuna ukwenza kangcono kunesizini edlule. Okungijabulisayo wukuthi sidlala ngabafana iningi labo eliqalayo ukudlala kwiMDC kule sizini. Ngakho sifuna ukwenza kahle,” kusho uDlamini.
Amaqembu ahleze enza kahle kulo mqhudelwano i-Arrows esisinqobe kabili lesi sicoco neMamelodi Sundowns ehleze ishaya ngokhilimu wabadlali. UDlamini uthe uyazi ukuthi maningi amaqembu afuna ukunqoba lesi sicoco kodwa uyazethemba ezakhe ngemuva kokuqala kahle zibhekene nePirates ebibophele uJackson Mabokgwane, Justice Chabalala ukubala abambalwa.
“Amaqembu awazibekile neze phansi, abafana kufanele baqine ngempela. Ngiyathemba nokho ukuthi ukunqoba kwiPirates kuzobenza baqine ukhakhayi bazethembe. Uma siqhubeka sibheka phambili sizokwazi ukumelana nengcindezi,” kuchaza uDlamini.
Lo mqeqeshi unezezele ngokuthi ngaphandle kokuthi ufuna ukwenza kahle kwi-MDC nezakhe kodwa omunye umsebenzi obalulekile abekelwe wona wukunyusa abadlali bangene eqenjini elikhulu loSuthu.