“SIXABANI nanoma ubani ofuna ukuyobuka umdlalo weBloemfontein Celtic neLamontville Golden Arrows ngeSonto kodwa sifuna ukubaqhuqha upende abaphathi beSiwelele ngoba basibukanisa nabantu.”
Lawa ngamazwi okusobala ukuthi aphuma emlonyeni womuntu onengekile uMabena Pule ongusihlalo wabalandeli beCeltic
Kuzokuthi ngeSonto iCeltic, ehaqwe yizinkinga zemali, yamukele i-Arrows eDr Petrus Molemela Stadium kowe-Absa Premiership.
UPule umemezele ukuthi bacela wonke umuntu owazi ukuthi ungumlandeli weCeltic angalithengi ithikithi lalo mdlalo okuyindlela abazokhombisa ngayo abaphathi beqembu ukuthi sebekhathele ukuhlukunyezwa yibona egameni leqembu abaphila ngalo.
Ngempelasonto abalandeli beCeltic bahlangane ndawana thizeni ukuyobhunga ngokufanele bakwenze ukukhombisa abaphathi beCeltic ukuthi sebekhathele. Ukwesula isigubhukane kukaSteve Komphela ofike kuleli qembu waliguqula yikhona okufike kwabama emphinjeni abalandeli.
Akufihliwe ukuthi uMax Tshabalala ongusihlalo uzama ukulidayisa iqembu kodwa ngoba izindaba zeCeltic zivele zisabalale kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana nabebengalithenga iqembu bagcina sebexebuka ekugcineni.
“Kuningi esikhulume ngakho okuthinta iqembu. Kuningi futhi esingeneme ngakho. Indlela uKomphela asule ngayo ayisihleli kahle futhi asimbeki icala kepha umunwe siwukhomba kulaba abathi bangabaphathi beqembu. Okubuhlungu kakhulu ukuthi izindaba zeqembu lethu sizizwa nowonkewonke kwabezindaba ekubeni zikhona izinhlaka zokuthi saziswe ngendlela eqondile,” usho kanje uPule.
Uthe incwadi kaKomphela yokwesula ibenze baswela ngisho umgodi wokucasha. Ukusabalala kwayo ezinkundleni zokuxhumana kuyimpoxo kubona yingakho beqome ukuliduba iqembu kulo mdlalo we-Arrows.
“Sivumelene ukuthi akekho umlandeli weCeltic ozothenga ithikithi lalo mdlalo olandelayo. Lokhu kuphume njengesincomo emhlanganweni wethu savumelana ngo-elethu. Kumqoka nokho ukucacisa ukuthi ngeke silwe namuntu ofuna ukuya enkundleni futhi siyaqonda ukuthi i-Arrows inabalandeli. Wonke umuntu ofuna ukuya kulo mdlalo ukhululekile ukukwenza lokho kepha thina abeCeltic esizama ukulungisa inkinga esibhekene nayo ngeke siphumelele. Sifuna abaphathi babone ukuthi aseneme futhi asijabule ngendlela abenza ngayo izinto nazo zonke izinto ezenzeka eqenjini. Phambilini sibabhalelile abaphathi sibachazela ngokungenami kwethu kwanhlanga zimuka nomoya yingakho sesithatha leli gxathu,” kusho uPule ekhuluma nenye yama-website ebhola ngeSonto.
Kwenzeka konke lokhu nje iCeltic ihleli kahle endaweni yesihlanu kwi-log kulandela ukunqoba kwayo ngo 1-0 kwiChippa United ngoLwesihlanu.