BATHENJISWE izizumbulu abadlali beNigeria ngamagoli abazowashaya uma sebebhekene neBafana Bafana ngoMgqibelo, emdlalweni ka-Group E wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).
Isikhulu saseNigeria, esiqhamuka kwiGovernor of Delta State, u-Ifeanyi Okowa sibeke imali engu-US$25,000 (okuyimali elinganiselwa ku-R360 000) igoli ngalinye kulo mdlalo ozoba seFNB Stadium.
U-Okowa ukhiphe lesi simemezelo ngesikhathi evakashele iNigeria, iziqeqesha ngoLwesibili. Akucacanga nokho noma lesi siphakamiso usenza ngokwephakethe lakhe noma kuzoba yimali kahulumeni waseNigeria.
"Igoli negoli elizoshaywa iqembu lesizwe uma selibhekene neNingizimu Afrika ngoMgqibelo, sizokhokhela abadlali imali engu-US$25, 000. Ningalinge nishaye amagoli amancane ngoMgqibelo, anaowavalela impela abe maningi," kusho lesi sikhulu.
Uma iNigeria ingashaya amagoli amathathu kwiBafana, lokho kobe kusho ukuthi abadlali bazohlukaniselana isigidi. Kubukeka kungeke kube lula nokho, kwazise maphakathi nonyaka iBafana iyishaye ngo 2-0 iNigeria, e-Uyo kulelazwe.
AmaSuper Eagles azophinde adlale ne-Uganda emdlalweni wesihle ngoLwesibili.