Ezemidlalo

Basale benxapha ngobuhixihixi bamathikithi eNedbank

Mthokozisi Mncuseni|Published

Kube muncu abantu bemi emigqeni emide befuna ukuthenga amathikithi omdlalo wamanqamu weNedbank Cup kodwa kulokhu kubikwa ngobuhixihixi

Image: Nonkululeko Nhlapo

AKUZANGE kuhambe ngendlela ebilindelekile ukudayiswa kwamathikithi okubuka umdlalo wamanqamu weNedbank Cup phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Njengoba bekubikwe ukuthi la mathikithi abiza R150 lilinye azoqala ukudayisa ngoMsombuluko ngo-10 ekuseni, kushaye u-12 emini waze wadlula abalandeli bemi kolayini iNingizimu Afrika yonke ezitolo ezahlukene zakwaShoprite.

Okuxakayo ukuthi nalaba abebezama ukuwathenga kwi-website yakwa-Open Tickets bebekhala ezinkundleni zokuxhumana ngokulindiswa isikhathi esiide kulayini nakhona.

Bekulindeleke ukuthi adayiswe asheshe aphele kodwa kugcine kucaca ukuthi kuzophuma isidumbu ngenxa yobuhixihixi obuningi obuhlukene.

Kuhambe kwaze kwabikwa ukuthi awasathengeki ngoba imishini yokuwakhiqiza ayisasebenzi.

Lokhu kuqale enye inkinga ngoba kukhona nabebekhala ngokuthi umshini ufa nje sekhokhile kepha sebewulinde ukuba ubagayele amathikithi abo.

“Ngenxa yezihibe esibenazo kodwa esesizilungisile kube nokuphazamisela okuncane ekudayiseni amathikithi obekudalwa nayizinkulungwane ezifaka izicelo ngesikhathi esisodwa,” sisho kanje isitatimende esikhishwe ekhasini lika-X labakwaComputicket abasiza abakwa-Open Tickets.

Kube muncu abantu bemi emigqeni emide befuna ukuthenga amathikithi omdlalo wamanqamu weNedbank Cup kodwa kulokhu kubikwa ngobuhixihixi

Image: Nonkululek0o Nhlapo

Yize bebekhuluma kanje ngesitatimende kodwa size sayoshicilela lo mbiko isililo ngamathikithi eNedbank sisesikhulu ezinkundleni zokuxhumana.

KwesaseGame City isitolo sakwaShoprite kuze kwabizwa amaphoyisa ngoba omunye engenela abebethi ilokhu beme kulayini kusukela isitolo sivulwa ngo-8 ekuseni.

“Sifike ngo-7 sawuqala ulayini kungakavulwa inxanxathela yonke manje kuzochitheka igazi uma kukhona abazibona ukuthi bahlakaniphile kunathi,” usho kanje omunye obekulayini onqabile negama lakhe kwiSolezwe.