ABASOLWA abane kwabayisithupha ababoshwe ngempelasonto eMoses Mabhida Stadium, bavele izolo enkantolo yaseThekwini, iDurban Magistrate benqatshelwa ibheyili.
Babhekene namacala okudayisa amathikithi omgunyathi, ukungena enkundleni ngokungemthetho nokweba.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiPremier Soccer League, uZipho Dube uboshelwe ukungena enkundleni, uSmiso Shandu uboshwe namathikithi angombombayi benoThembinkosi Ndwandwe. UThamsanqa Mkhwanazi uboshelwe ukweba utshwala.
Akukaziwa ukuthi bazobuyela nini enkantolo.
“I-Premier Soccer League iwushayela ihlombe umsebenzi oncomekayo weSouth African Police Service (SAPS), wokubuyisa umthetho nokuziphatha kahle emidlalweni kanobhutshuzwayo. Iligi iyakholwa ukuthi lesi sinqumo esiqinile sokunganikezwa kwabasolwa ibheyili sizothumela umyalezo oqinile kwizixhwanguxhwangu ezihambela imidlalo yebhola. Zizobona ukuthi ngeke zimelwe izenzo eziphula umthetho okuhlanganisa nalabo abadayisa amathikithi omgunyathi,” kusho isitatimende sePSL.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe abasolwa baboshwa ngokwehlukana kwemidlalo.
Abanye baboshwe ngoMgqibelo ngesikhathi kunomdlalo we-Orlando Pirates naMaZulu FC eMabhida. NgeSonto ngesikhathi kudlala iKaizer Chiefs neSuperSport United kuboshwe abanye ababili.
“Siyanxusa umphakathi ukuthi ungawathengi amathikithi awumgunyathi nakubantu abangagunyaziwe ngoba lokho kuholela ekutheni kugcwale ngokweqile ezinkundleni. Amaphoyisa azohlale eqaphile ukuze alwisane nobugebengu ezinkundleni uma kunemidlalo,” kusho uColonel Mbele