LILOLIWE izembe kubadlali beMamelodi Sundowns abebekade belizwa ngendaba ijezi ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uPitso Mosimane.
Uma konke kuhamba ngokwenkulumo kaMosimane, baningi abadlali abazokhonjwa indlela eChloorkop ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2019/2020. ISundowns iwine isicoco se-Absa Premiership ngeqembu elingashintshile kakhulu nenqobe ngalo iligi ngesizini ka-2017/2018. Empeleni kubadlali abasha kwiSundowns abagcine bethole indawo esikimini nguLebo Maboe othengwe kwiMaritzburg United, Mosa Lebusa obengukaputeni we-Ajax Cape Town, Phakamani Mahlambi obegijima kwi-Al Ahly yase-Egypt noLyle Lakay obeyibamba kwiCae Town City.
UMosimane uveze ukuthi uzobadedela abadlali abahlulekile ukuthola isikimu kule sizini esongwayo. Kubadlali okulindeleke ukuthi bafulathele iChloorkop kukhona u-Ali Meza, Jeremy Brockie, Thokozani Sekotlong obebokeliswe kwiBlack Leopards, Lucky Mohomi, Andile Jali, George Lebese obebolekiswe kwiSuperSport United, Cuthbert Malajila, Mokgakolodi Ngele, noSiyanda Zwane obebolekiswe kwiLamontville Golden Arrows.
“Kufanele sidedele abanye abadlali ngoba uhlelo ngeke lusafana. Sisayinise abaningi ngoba besizitshela ukuthi sizohamba ibanga elide kwiChampions League yokuqala kodwa akuzange kwenzeke. Sazitshela ukuthi sizohamba ibanga kwiMTN8 kodwa saphuma kuqala. Besizitshela ukuthi sizohamba ibanga kwiTelkom Knockout kodwa sahlulwa, nakwiNedbank,” kusho uMosimane.
ISundowns ihlale igxekwa ngokugquma ebhentshini abadlali abafika kuyona beshisa kodwa kugcine kuphelile ngabo. Ekuqaleni kwesizini ka-2018/2019 iSundowns ihlukane nonozinti uRazak Brimah waseGhana obekhala ngokuphendulwa ukudla kwebhentshi. Ekuqaleni konyaka kujokole uToni Silva waseGuinea-Bissau ekhala esifanayo waze wayibhadlaza emaphepheni indaba. ULebese uzicelele ukubolekiswa. Emasontweni edlule kuvele ukuthi uJali ukhihla esikaNandi ngokuphendulwa isibukeli eChloorkop.
“Kukhona abadlali abangajabule, lokho kuyiqiniso. Abajabule ngoba abadlali futhi bafanelwe wukuthola isikimu. Ngiyavuma. Kodwa uyazi ukuthi kunjani, izinto azenzeki ngendlela yakho. Ngoba uma uza kwiSundowns ufuna lokho okufunayo. Uhola kahle futhi usayina inkontileka enhle. Kodwa kufanele wazi ukuthi kungenzeka kube khona umdlali ongcono endaweni yakho futhi ungalitholi ithuba elanele lokudlala. Kufanele wethembeke ubheke lapho usuka khona nokuthi ubukade uhola malini, usuhola malini manje,” kusho uMosimane.
“Kungafani nabanye abaya emaphepheni bayosikhuluma kabi bethi abadlaliswanga. Kodwa lapho ekade ekhona ubedlala njalo kodwa ehola kancane. Akekho umdlali oza kwiSundowns ezohola amakinati. Bayakusho okubafanele futhi kubafanele ngoba sibaletha lapha ngoba kade benza kahle lapho abebekade bekhona. Kodwa inselelo isekutheni lapho ukhona manje nalapho kade ukhona eminyaken emibili edlule, ungabuyela emholweni wakudala uma ungasuka kwiSundowns.Yinkinga leyo ngoba akekho ofuna ukushintsha impilo yakhe. Abantu sebephila impilo ekwelinye izinga. Kufanele-ke udlale, manje ngeke sidlale sonke.”