BACELA kwabayishumi abadlali belinye lamaqembu athathwa njengamakhulu kwiPremier Soccer League (PSL), iKaizer Chiefs abaphelelwa izinkontileka ngonyaka ozayo.
Okucacayo ngalaba badlali ukuthi iningi labo libukeka lisezinhlelweni zomqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela kodwa naye lo mqeqeshi iyaphela inkontileka anayo naMakhosi ngoJuni ngonyaka ozayo.
Kusukeka uKomphela ethathe umsebenzi weChiefs iqembu alikaze lifinyelele lapho abalandeli abafuna libe khona okufakazelwa ukuthi ayikho inkomishi aseyifake ekhabetheni laleli qembu elaziwa ngokuphila ngazo izinkomishi, hhayi iMacufe neMaize Cup. Ngezansi sinaba ngezimo ezibhekene nalaba badlali abathintekayo ekupheleni kwezinkontileka ngonyaka ozayo.
Siphiwe “Shabba” Tshabalala
Isimo sikaShabba asithusi kubalandeli baleli qembu kwazise iChiefs iwusebenzisile uphawini wokuvuselela ngonyaka owodwa ngoFebhuwari. Nakuba bengakaqali ngezingxoxo kodwa lo mdlali ufana nedlozi kwiChiefs ngakhoke makhulu amathuba okuthi avuselele.
Tsepho “Chester” Masilela
Leli nxele elake ladlala kwiSpanish La Liga selihlale kwiChiefs iminyaka emihlanu. Kuze kube yimanje ubengakaziqali izingxoxo ngendaba yenkontileka entsha. Kusukela unyaka uqalile uMasilela neChiefs abakafinyeleli esivumelwaneni. Okungajabulisa Amakhosi ukuthi uMike Makaab obheke izindaba zikaMasilela ukhombisa ukuba nethemba lokuthi bazovumelana ekugcineni.
Willard “Salt & Vinegar” Katsande
Omunye umdlali oyinsika kwiChiefs osekuphele izinyanga egqigqa emahhovisi kodwa lutho ukuvuselela inkontileka. Nakuba kunjalo kodwa indlela asewalwele ngayo Amakhosi eminyakeni eyisithupha edlule, kungethusa uma kungagcina kungavunyelwananga.
Brilliant Khuzwayo
Yize engafihli ukuthi uyayithanda iChiefs kodwa uKhuzwayo usehlale kakhulu ebhentshini kwazise ijezi ulithola uma kukhona inkinga ku-Itumeleng Khune. Lo nozinti waseMlazi useveze kaningi ukuthi akeneme yize uma ekwenza lokhu akaphumeli obala kepha uyagigiyela ezinkundleni zokuxhumana. Kuyavela ukuthi iChiefs isisukume kakhulu manje izama ukumsayinisa ngoba isizwile ukuthi iCape Town City imthembisa izulu nomhlaba.
Daniel Cardoso
Uqale kwaba sengathi akangeni khaxa kwiCheifs ngesikhathi esuka kwiFree State Stars kodwa muva nje ijezi elakhe benoTeenage Hadebe emuva. Okunye okubambezele uCardoso ukulimala obekulokhu kumphazamisa njalo kusukeka efikile ngo-2015. Emidlalweni emibili edlule uCardoso ukhombisile ukuthi walandelwani yingakho umbuzo usele ukuthi bazomsayinisa yini noma bazomyeka ahambe.
Hendrick “Pule” Ekstein
Uke wazama ukuteleka ngonyaka odlule efuna ngo dli iholo elingcono kodwa watshelwa ukuthi akagxile kwaqashelwa khona ukudlala ibhola hhayi okunye. Kungenzeka ukuthi kumsizile lokhu * -Ekstien ngoba udlala kahle kulezi zinsuku futhi akekho okungabazayo ukuthi kubona bonke abadlali beChiefs, yena noKhune yibona izithandwa azabalandeli. Kuthiwa zingase ziqale izingxoxo unyaka ungakapheli.
William Twala
Nangu umdlali elibukeka limfimfa ngempela ikusasa lakhe kuMakhosi. Yize eqale kahle efika esuka kwiChippa United kodwa ukwehlelwa yifomu ngendlela eyisimanga muva nje kusho ukuthi angase achithwe. Okunye okumbulele ukufika kukaJoseph Molangoane. Nokufika kukaBhongolwethu Jayiya kumkhombisile uTwala ukuthi makhulu amathuba okuthi usendleleni ephumayo eNaturena. Kuyavela nokuthi uTwala angase aye kwiFree State Stars ukuze iChiefs izothola uSinethemba Jantjie.
Steve “Mphathi” Komphela
Naye umqeqeshi usezongena ezinyangeni zakhe zokugcina esenkontilekeni neChiefs. Ukuqala konyaka kuzobe kusho ukuthi isingaphansi kwezinyanga eziyithupha. Lokhu kusho ukuthi usengaqala akhulume nabanye uma echithwa kwiChiefs. Usihlalo weChiefs, uKaizer Motaung, akaxoshi kepha ulinda inkontileka ukuthi iphele. Umbuzo uthi uzoyivuselela yini ekaKompela noma uzomkhulula. Lo mqeqeshi usalelwe yiNedbank Cup neligi uma efuna ukugeza igama lakhe ukuze engeke aziwe njengomqeqeshi ongayenzelanga lutho iChiefs eyiqeqesha.