IBLACK Leopards ichayise abadlali ababili abake badlala kwiKaizer Chiefs phambili, u-Abia Nale no-Enocent Mkhabela.
Laba badlali bebezama inhlanhla kuleli qembu laseThohoyandou ngenhloso yokuthola ikhaya elisha. Bese kuphele isikhathi esingangenyanga bobabili beziqeqesha naleli qembu kodwa ukufika komqeqeshi omusha uDylan Kerr kushintshe yonke into.
Ukumiswa kwabo ekuziqeqesheni neLidoda Duvha kuqinisekiswe uyena lo mqeqeshi wodumo kwiGor Mahia yaseKenya lapho ebedla khona izicoco.
“Abaseyona ingxenye yethu bobabili. Ngikhuluma nawe nje abasekho ngisho ekhempini. Isizathu sokubayekisa ukuziqeqesha nathi ukuthi ngiyazi ukuthi ngeke ngibadinge ngakho-ke asikho isidingo sokudla isikhathi sabo engabe bayozama kwezinye izindawo,” kusho uKerr.
Yize bengazange baqale kahle kodwa uKerr ukholelwa ekutheni uzoziguqula izinto yinqobo nje uma abafana bakhe bezosheshe basibambe isitayela sakhe.
Ngemuva kokunqoba kuMaZulu ngoMgqibelo iLidoda Duvha isendaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu awu-13 emidlalweni ewu-14. Sebeyoze badlale ngonyaka ozayo neBaroka FC kwiligi.