UKUSHESHA kweSuperSport United ukuqaphela ukuthi izoqala isizini ka-2019/2020 ngemidlalo namaqembu amane anzima kunawo wonke kwi-Absa Premiership, kwenze abadlali baqonda ukuthi indlela abazoqala ngayo iyona ezocacisa ngebanga abazolihamba nanokuthi bangasidla yini isicoco okwesine emlandweni.
Lawa amazwi enhloko yabaqeqeshi kwiSuperSport, uKaitano Tembo, omatasa namalungiselelo okuvakashela iqembu okuyilona kuphela elingawalahli amaphuzu iKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eFNB Stadium.
UTembo uhlelela iChiefs nje, uvule isizini nompetha iMamelodi Sundowns lapho ekhale khona ngaphansi ngo 2-0. Lowo mdlalo ulandelwe yiqembu eliqede isizini edlule lisezithendeni zeSundowns, i-Orlando Pirates.
Ngaphandle kokuthi iPirates, uTembo ayititinye ngo 3-0, iyona ethenge abadlali ukubedlula bonke kodwa uphumelele ukunqoba.
Le midlalo emibili enzima ilandelwe oweMTN 8 neBidvest Wits okungelinye lamaqembu asatshwayo eNingizimu Afrika njengoba sekufanele ahlanganise isikimu azobhekana ngaso neChiefs. Sekungumlando ukuthi iWits ikhale ngaphansi kwiSuperSport ngo 3-0.
“Emlandweni wePSL angikholwa ukuthi kukhona iqembu eselike laqala isizini ngemidlalo enzima njengathi. Asikhali ngoba ukubalekela la maqembu bekuzofana nokudlala ngoba vele besizohlangana. Kuhle sibhekana nawo manje siqede."
Lo mqeqeshi uthe imfihlo ukuthi ukushesha kwabo ukuqaphela ukuthi bazoqala ngemidlalo enzima kubenze bawukhuphula umfutho ngesikhathi belungiselela ukuqala kwale sizini.
“Sibonile ukuthi kuyasiphoqa ukuthi siqale ngamandla ngoba uma sizithambisa besingazithola sibhekene nenkinga esike saba nayo kumasizini ambalwa edlule lapho bekungasukeki khona ngasemsileni. Siyibhekisisile le midlalo yokuqala emine savumelana ngokuthi kuzoba usizo kangakanani kithina ukuqala kahle kuyona. Abadlali bakubonile nabo lokhu okuyinto eyenze kwaba lula ukuthi basizwe uma sishumayela ivangeli lokuqala ngamandla,” kusho uTembo ofake neBaroka FC emaqenjini anzima abazoqala nawo.
Uzobhekana neBaroka ngemuva komdlalo weChiefs.
Amakhosi aqale kahle anqoba yomibili imidlalo yawo futhi azofika kulo mdlalo ephumule ngokwanele kwazise abengadlali ngempelasonto ngenxa yokuqeda ngaphandle kweTop 8 ngesizini edlule.