BAPHOQELEKE ukuhoxa ekuphatheni iRoyal Eagles uShauwn Mpisane nendodana yakhe * -Andile Mpisane emuva kokuthi iPremier Soccer League (PSL) iqale uphenyo ngokubhaliswa kweqembu.
Lokhu kulandele isexwayiyo sikasihlalo we-Eagles, uSbu Mpisane, ngokuthi ukuqala imidlalo ye-GladAfrica Championship kweRoyal Eagles ngaphansi kwegama iRoyal AM Football Club, yena njengomnikazi angalazi, bekungenza labo abathintekayo bazidonsele amanzi ngomsele ngokuthi iqembu lidonselwe amaphuzu kuyona yonke imidlalo elizoyidlala ngaphansi kwaleli gama.
Uhla lwamaqembu azodlala kwi-GladAfrica Championship ngale mpelasonto beluveza ukuthi iRoyal Eagles izodlala neMbombela United isibizwa ngeRoyal AM eChatsworth Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Izolo uSbu uveze ukuthi uthole incwadi seliyoshona iphuma kwiPSL ethi uyena ozoqhubeka nokuba usihlalo weqembu kuze kube kuphothulwa uphenyo oseluqalwe yile nhlangano. Uthe ikucacisile futhi ukuthi uShawn nendodana yakhe * -Andile bahoxile ekubeni abaphathi beqembu kuze kube kuphela uphenyo.
Phambilini uSbu ubecashunwe ethi: “Angazi ukuthi bazodlala kanjani ngoba mina njengomnikazi weqembu akukho lutho engakusayina okukhomba ukuthi ngifuna ukuguqula igama lalo. Ngesonto eledlule ngenze izethulo esigungwni sePremier Soccer League (PSL) lapho engakubeka kwacaca ukuthi anginalo ulwazi lokushintshwa kobunikazi beqembu ngokunjalo negama lalo.”
Uthe leli gama aliphasisiwe yiPSL kuze kube kuphothulwa uphenyo ngobunikazi nokuguqulwa kwemininingwane atshele isigungu sePSL ukuthi akazani nayo.
Ngemuva kwencwadi yePSL yayizolo lapho kuhlaluke khona ukuthi uShawn no-Andile ngeke besaba ngabaphathi beqembu, uSbu ubuziwe ukuthi uzizwa kanjani washaya ngezimfushane wathi: “UNkulunkulu ubathanda bonke abantu.”
Konke lokhu kuchaza ukuthi i-Eagles ingase iqhubeke nokudlala ngegama layo elidala.
Emuva kokuthi kuqubuke lesi sixakaxaka Isolezwe belenze uphenyo oluncane lapho kuvele ukuthi iPSL iqalile ukwenza uphenyo ngale mpambankwici, nokuthi kunemibuzo ebithunyelwe uMpisane ukuze ayiphendule ngolwazi analo ngeRoyal Eagles.
Kuphinde kuvele ukuthi phezu kokuthi uhla lwemidlalo yeGladAfrica Championship beluveza igama leRoyal AM kodwa iPSL isabambe elentulo ngokuthi inkampani iRoyal Eagles Pty Ltd iyona esemthethweni kuze kuba nesivumelwano sabo bonke abathintekayo kule mpicabadala yodaba.
Okhulumela iPSL, uLuxolo September, uzihlangulile ekuphawuleni wathi akukhulunywe nesikhulu esiphezulu seligi, uMato Madlala.