INDAWO yaseNkonjeni eMahlabathini, ingenye yezasemakhaya ezisilele ngokwezinga lempilo nangentuthuko emikhakheni eminingi uma kuqhathaniswa nezakhele amadolobha amakhulu njengeTheku.
Abadabuka khona, njengabanye omkhaya babo baseZululand namaphethelo noma abawela uThukela, baze babizwe ngezigcono ngenxa yomholi welinye lamaqembu ezombusazwe waseNkonjeni. kodwa konke lokhu akubanga yisithiyo kubasunguli beqembu lokuqala lokugijima laseNkonjeni.
Leli qembu yiNigrescens Athletics Club engene emabhukwini eKwaZulu-Natal Athletics yagxivizwa nayi-Athletics South Africa ngoJuni 2017.
Ukuqonda kwabasunguli bayo ukuthi bahlalelwe yindathane yomsebenzi ukuvumbulula nokuthuthukisa abagijimi abazomela le ndawo emiqhudelwaneni nasemijahweni emikhulu ezweni, kwenze abachitha sikhathi ukusingatha umjaho wabo wokuqala. Lo mjaho obungoNovemba 26 eNkonjeni, ubizwa ngeNyanya Race. Ukuba ngu-10km kwawo kusho ukuthi ungabanga nemijaho esezingeni leSpar Ladies nangaphezulu. Ungasetshenziswa abazilungiselela iCross Country kanjalo nama-Olympics.
“Bese kufuke isikhathi sokuthi yenzeke into efana nale (ukusungulwa kweqembu lezokusubatha eNkonjeni). Yiqiniso ukuthi iNigrescenes ingeyokuqala ukuba yiqembu labasubathi ukuzinza emakhaya eNkonjeni.
“Abagijimi bakule ndawo bebeze basizwe amaqembu asoLundi kanti abanye basabalele kwawasemadolobheni abatohoza kuwo.
Sinabo impela abagijimi kule ndawo okufakazelwa wukuthi ezinyangeni ezinhlanu sikhona bese sinamalunga angaphezu kuka-90,” kusho uMzwandile Nkosi owengamele ezokuxhumana eqenjini. Elandisa ukuthi kungani umjaho wabo bewubize ngeNyanya Race, uNkosi uthe:“Ngemuva kokwenza konke okuphathelene nokusungula umjaho sibe sesizama ukuthola abaxhasi. Sigcine sithole iNyanya Resort (indawo yokuvakasha engeyokuqala eNkonjeni engudedangendlale esanda kwakhiwa yisiqumama sendawo, uDumisani Dlamini).
“Ngokwabo uNyanya yinkosi yaKwaDlamini engasekho abayihloniphayo ngokuqamba ngegama layo. Asibanga nankinga ngoba iNyanya Resort ngeyangakithi futhi lukhulu eza nalo. Ngaphezu kwemihlomulo iphinde ilalise nabasubathi abasuka kude.”
Okunye okungathokozelwa abasubathi ngalo mjaho wukuthi yize unemimangwana kodwa umoya wakhona awunaso isisi njengale eba semadolobheni, okunezimoto khona eziningi namafemu.
Ngokusho kukaSilindile Chili, omunye wabasubathi abaphambili abebekwiNyanya Race yokuqala odle ubhedu enqoba * -10km wabesifazane, uphinde waphuma phambili nakwiHeroes Marathon eQunu ngoDisemba 3.
“Ngijwayele ukuyogijima phesheya koThukela kwiZululand Marathon. Nalo mjaho ngezwa ngawo ngashona khona ngoba bengizilungiselela iHeroes Marathon (adle ubhedu ku-21.1km kuyo). Bengiyidinga indawo yasemakhaya enomoya othe ukoma oqhelile olwandle nasezivunguvungwini zedolobha. Ngifike izinga lokuzimisela liphezulu kodwa ngakwazi ukuthola ebengikuzele kuyo yomibili le mijaho,” kusho uChili waseChesterville, eThekwini.
Ngokusho kwabaseNyanya Resort, umjaho uzogijinywa ngoSepthemba kusuka ngonyaka ozayo ukuze uhambisane nemigubho yamagugu namasiko njengaba uhlonipha inkosi.