UMDLALI weSharks uCurwin Bosch kubhekeke ukuthi ayisize iwime umdlalo obalulekile weSuper Rugby lapho izobhekana khona neJaguers eKings Park ngoMgqibelo ntambamaIsithombe: BACKPAGE-PIX
ICELL C Sharks ayizimisele nakancane ukulahla ithuba lesibili lokudlulela emidlalweni yokuhlunga yeSuper Rugby, njengoba izotholana phezulu neJaguares yase-Argentina emdlalweni obhekwe ngabomvu ngoMgqibelo, eJonsoon Kings Park, ngo-5.15 ntambama.

Ngokusho kukaCurwin Bosch odlala kunombolo 15 kwiSharks, akuyona into eyandele noma ngubani ukuthola ithuba lesibili kulesi sigaba njengoba ukushaya iJaguares kungadlulisela ezikaRobert Du Preez kweyomkhumulajezi kulo mqhudelwano.

Kungenzeka nokho umdlalo weSharks neJaguares uphenduke ize leze uma iRebels ingashaya Highlanders, eDunedin, ngoMgqibelo ekuseni.

“Siyayazi ingcindezi esinayo kulo mdlalo. Nokho sengiqaphelile ukuthi njalo uma sinengcindezi sijwayele ukwenza kahle.

“Ngeke nakancane siliyeke ithuba lesibili esesilitholile ngemuva kokuboza sibhekene neStormers, eKapa ngeledlule. Sivumelene sonke ukuthi asidlalanga kahle kodwa ngoMgqibelo sizimisele ngokufela enkundleni phambi kwabalandeli bethu,” kusho uBosch ngesikhathi ezakhe ziqeda ukuzicija ezinkundleni ezingaphandle eKings Park.

Ngesikhathi iSharks ithelwa othulini iStormers ngeledlule ngo 27-16, kwamangaza abangingi kwazise ngempelasonto ebiyandulela edlule, ishaye i-Emirates Lions ngo 31-24, eKings Park.

Kube ngokokuqala kusuka ngo-2015 iLions ishaywa yiqembu laseNingizimu Afrika.

“Engikubona njengo-kusidlisile eKapa ukuthi sakha inqwaba yamathuba kodwa sehluleka ukuwa-sebenzisa. Ngicabanga ukuthi kuzofanele singaxhamazeli kulo mdlalo neJaguares, sisebenzise namathuba ethu,” kuqhuba uBosch.

Ngeledlule iJaguares ithelwe othulini yiVodacom Bulls ngo 43-34 eLoftus Versfeld, ePitoli. UBosch uthe kungenzeka iJaguares ifike kubona ibhodla umlimo.

“Bazoza kulo mdlalo becasuke kakhulu. Nokho siyibukile indlela abadlala ngayo nalapho bebuthaka khona. Sesiyakwazi okufanele sikwenze kubona, kungakho sithatha lo mdlalo njengowamanqamu, kwazise ukushaywa kwethu kusho ukuphuma kwethu,” kuchaza uBosch.

Imidlalo yeSuper Rugby kule mpelasonto:

Kusasa:

Chiefs vs Stormers (9.35am), Reds vs Sunwolves (11.45am).

NgoMgqibelo:

Highlanders vs Rebels (7.15 am), Crusaders vs Blues (9.35 am), Waratahs vs Brumbies (11.45 am), Lions vs Bulls (3.05pm), Sharks vs Jaguares (5.15pm).