ECAMPS Drift ngosuku lokuqala     

Izithombe: ANTHONY GROTE
ECAMPS Drift ngosuku lokuqala Izithombe: ANTHONY GROTE
BAQALE kahle uHank McGregor no-Andy Birkett abaqede beseqhulwini

Izithombe: ANTHONY GROTE
BAQALE kahle uHank McGregor no-Andy Birkett abaqede beseqhulwini Izithombe: ANTHONY GROTE
AZIPHOXANGA izimfivilithi ze-2018 FNB Dusi Canoe Marathon, u-Andy Birkett noHank McGregor, abathishiwe ukuthi badle umhlanganiso emjahweni wabesilisa kanjalo nozelamani uJordan noCan Peek ababhekwe kwabesifazane beqeda eqhulwini ngosuku lokuqala besuka eCamps Drift bebheke eDusi Bridge.

BABHEKE ukugwedla ngendlela efanayo ngosuku lwesibili njengolokuqala uMcGregor noBirkett Izithombe: ANTHONY GROTE


USbonelo Khwela noSiseko Ntondini baqede behleli aagqozo ezithendeni zikaBirkett noMcGregor be-Euro Steel njengalokhu bebeshilo ukuthi bafuna ukuqopha umlando.

BAQEDE behleli amagqozo edweni yesibili uSbonelo Khwela noSiseko Ntondini Izithombe: ANTHONY GROTE


UBirket noMcGregor baqophe u-2:41:11.10 kwathi uKhwela noNtondini babhalisa u-2:43:07.71 ngosuku lokuqala.

Akugcinanga emjahweni omkhulu ukucanasa kwezimfivilithi kwazise nasesigabeni sika-U23 kubuse uMpilo Zondi noMthobisi Cele abamele iMartin Dreyer's Change a Life/Euro Steel.

Ngemuva kwabo kuza ezinye izikwibhisi zeChange a Life uMvelo Ngidi noThabani Msiya endaweni yesibili noNqobile Makhanya noSiyanda Gwamanda endaweni yesithathu.

Kuke kwasuka izibhelu sekusongwa usuku lokuqala kuhlalelwa isikhalazo lapho bekusolwa khona uKhwela noNtondini ngokuthola usizo olungagunyaziwe ukwenyuka iDevils Cauldron eGuinea Fowl.

Usuku lwesibili olungu-46km luqala eDusi Bridge luyosongwa eMsinsi Resort eNanda Dam.

Twitter: @DusiCanoe
Instagram: @dusicanoe
Hashtag: #FNBDusi2018


Abesilisa abaphambili:
1.Hank McGregor/Andy Birkett 2:41:11.10
2.Siseko Ntondini/Sbonelo Khwela 2:43:07.71
3.Carl Folscher/Adrian Boros 2:43:08.83
4.Andrew Houston/Alan Houston 2:43:37.63
5.Ant Stott/Banetse Nkhoesa 2:44:42.64
6.Jacques Theron/Thulani Mbanjwa 2:48:10.30
7.Mthobisi Cele/Mpilo Zondi (U23) 2:48:24.24
8.Loveday Zondi/Thando Ngamlana 2:48:31.33
9.Richard Cele/Nhlanhlayakhe Cele 2:48:32.48
10.Mvelo Ngidi/Thabani Msiya (U23) 2:50:07.22