I-POLOKWANE City ayiphumeli obala ngesinqumo esicacisa ngekusasa likaRodney Ramagalela omiswe yileli qembu ngezizathu ezingaqondakali.
Ngenyanga edlule iRise and Shine ihlalele amacala alo mdlali emsola kuwo ngokungazinikeli ngokuphelele emsebenzini nokungalubhadi emhlanganweni ayebizelwe kuwo.
Kulokhu kuqulwa kwecala lakhe wayemelwe yi-agent yakhe uMike Makaab neSouth African Football Players Union (Safpu). Umiswe ngoJanuwari ngemuva kokuba esayine inkontileka yesikhashana neHighlands Park.
UCalvin Motloung oyiphini likanobhala kwiSafpu utshele Isolezwe ukuthi kuze kube yimanje iPolokwane ayikaze ibazise ngesinqumo sayo ngoRamagalela.
Uthe empeleni bekumele ibatshele emasontweni edlule ukuthi iyayinqamula noma cha inkontileka yalo mdlali.
“Siyayibona le nto eyenziwa iPolokwane, izama ukuchitha isikhathi. Ziyancipha izinyanga ezibheke ekupheleni kwesizini. Ifuna ukumkhokhela imali yezinyanga ezimbalwa. Uma kuphela isonto elizayo ingacacisi kuzophoqeleka ukuthi sithathe ezinye izinyathelo. Saluqeda lulo daba thina, konke kusele ngakuyo,” kubeka uMotloung.
Lesi sikhulu siveze ukuthi nakuba emisiwe uRamagalela kodwa uwuthola uphelele umholo wakhe.
Lo mdlali odabuka eLimpopo umiswe yiRise and Shine esedlale imidlalo engu-16. Kuyo uvalele phakathi amagoli amabili, wakhanda ayisibalo esifanayo.
“Kwinkontileka kaRamagalela kunezivumelwano ezithi uma ehlelwe yifomu kumele kutholwe inkinga yakhe futhi alekelelwe. Okunye ukuthi uma kwenzeka ekhuluphala kumele aqeqeshwe ngendlela ehlukile ezomsiza. Ngaphandle kwalokhu sithole ukuthi kuningi okungahanjiswanga ngendlela efanele ngesikhathi emiswa. Ngabe siyezwa ukuthi kwinkontileka kwakuvunyelwane ngokuthi uma engawashayi amagoli ayisibalo esithile ngemuva kwemidlalo ethize kumele abekwe icala lokungazimiseli,” kubeka uMotloung.
Kwamanye amacala, uveze ukuthi ngoMashi 20 bazohlalela udaba lukaMothusi Gopane ofuna ukukhokhelwa imali yakhe yiMbombela United edlala kwiNational First Division (NFD).
UMotloung uthe iMbombela inqamule ikontileka yalo mdlali isasele ngezinyanga eziyisithupha. Iyinqamule ngoba ikhala ngokuthi akazimiseli emsebenzini wakhe. Lesi sikhulu siveze ukuthi ngemuva kokuvalela ekhoneni iqembu ligcine lilivuma icala lalo lase licela ukuthi likhokhele uGopane uhhafu. Lo mdlali uthi uyifuna iphele imali yakhe.
Elinye icala elizoqulwa ngosuku olufanayo ngeliphakathi kwePolokwane nonozinti uHarold Ndlovu okhononda ngokunganyuswa komholo wakhe kusukela efikile kuleli qembu.
UMotloung uthe kwinkontileka yalo nozinti kwakuvunyelwene ngokuthi iholo lakhe lizokhushulwa ngo-10% njalo uma kuqala isizini.
Kukhona necala likaDavid Zulu ozakhele udumo kuKaizer Chiefs ofuna imali yakhe kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila eyanqamula inkontileka yakhe. Ngesifanayo nakuSiyabulela Shai okhala ngokungakhokhelwa yileli qembu laseLimpopo.