Ezemidlalo

Ayancipha awokucashela izembe kwiSuperSport

Mthokozisi Mncuseni|Published

KUBUKEKA kuyisize kakhulu iSuperSport United ukululama kukaBradley Grobler

Image: BACKPAGEPIX

SEKUFIKE lapho kuphela khona amahlathi kwiSuperSport United elokhu yabambeka empini yokuzama ukubalekela izembe kusukela kuqale isigamu sesibili sesizini yeBetway Premiership ka-2024-2025.

ISuperSport, enomlando wokudla isicoco sesigaba esikhulu sePremier Soccer League (PSL) amahlandla amathathu kulandelana, kufanele iqale icoshe amaphuzu nePolokwane City ngo-3 ntambama e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Ngendlela ingozi yezembe eyixine ngayo iSuperSport kule sizini, ize yagcina imxoshile umqeqeshi uGavin Hunt obesebuya okwesibili.

Indawo kaHunt yathathwa owayeyiphini lakhe u-Andre Arendse kodwa nangaphansi kwesandla sakhe kuze kube yimanje, leli qembu lihleli endaweni ezolifaka emidlalweni yokuhlunga namaqembu eMotsepe Foundation Championship ngoJuni.

Yize kusezandleni zayo iSuperSport ukuhlenga isizini yayo, ifomu yakamuva ayidwebi isithombe esithembisayo. Leli qembu lasePitoli lagcina ukuqoqa amaphuzu amathathu ngoFebhuwari, ngesikhathi linqoba ngo 4-1 kwiKaizer Chiefs.

“Iphutha elikhulu kunawo wonke esingalenza ukuxhamazela bese siyakukhohlwa okumqoka esikudingayo emidlalweni esisalele ukuzikhipha obishini esikulona,” kusho u-Arendse ethimbeni leSuperSport labezindaba.

“Siyakwazi okusisebenzelayo kanjalo nokusifake kulesi sikhinsi esikusona siyakwazi. Isikhathi esiningi sizenzela thina phansi kodwa kweyakamuva amaphutha siwanciphisile.

“Abadlali bazama konke okusemandleni abo ukubuyisela iqembu emgqeni ngakho-ke ithuba lokudikibala nelokuzikhotha amanxeba alisekho. Sekuseduze phambili,” kusho u-Arendse ongayazi iwini emidlalweni eyisithupha edlule uma uyihlanganisa yonke imiqhudelwano.

Yize iqale kahle iPolokwane kodwa kufanele kuyikhuthaze iSuperSport ukuthi iRise and Shine isaphumelele ukuqoqa iphuzu elilodwa kuphela emidlalweni yayo engu-10 edlule.

Amagoli eSuperSport alindelwe kuBradley Grobler okubukeka kuyivusa kancane ukubuya kwakhe ekulimaleni.