INKAKHA yeBafana Bafana, uDoctor “16V” Khumalo, igxeka amaqembu adlala kwi-Absa Premiership ngokuvilaphela ukuthungatha abadlali abanekhono abagcwele wonke amaqele eNingizimu Afrika.
UKhumalo ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa umqhudelwano waminyaka yonke, iKwaMahlobo Games, edlalelwa eSoweto. Lo mqhudelwano uxhaswe yi-La Liga yaseSpain ebukeka izimisele ukuthuthukisa nokuzakhela igama ebholeni laseMzansi. Angu-40 amaqembu azoqala ukugijimisana ngomhla ka-19 Disemba kuya kuJanuwari 5.
UKhumalo ongomunye wabadlali abayidlalile le midlalo, uthe amaqembu awasenzi okwanele ukuthungatha ikhono. Eminyakeni edlule umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, ukhale esifanayo ngokuhluleka kweNingizimu Afrika ukubona abadlali abanekhono besebancane. Wenze isibonelo ngoTeko Modise, wathi kuyamangaza ukuthi akaqhamuki ngisho kweyodwa inkulisa okusho ukuthi alikho iqembu elakwazi ukubona ikhono kuyena esemncane.
“Sidinga ukugxila ekuthuthukiseni ikhono. Kodwa angikholwa wukuthi lokho sikwenza kahle. Eminyakeni edlule amaqembu afana neMoroka Swallows, Orlando Pirates neKaizer Chiefs kade elithungatha ikhono, abathole abadlali kodwa manje angikholwa wukuthi kusenziwa ngokwanele. Kufanele sibuyele esisekelweni uma sizimisele ngokuthuthukisa ibhola lethu. Abadlali batholwe besebancane, bacijwe ezindaweni ezifanele,”kusho uKhumalo.
UKhumalo ungomunye wabadlali abadlale emiqhudelwaneni yezikole efunda eDaliwonga Secondary School, eSoweto okuyilapho atholwa khona yiChiefs yamfaka ezinhlakeni zokuthuthukisa ikhono. Kamuva nje, sekuyagqoza ukunyukela esikimini esikhulu kwabadlali abavela ezinkulisa emaqenjini amakhulu, kwazise asechitha imali esayinisa asebevele bazakhele igama.
Umqondisi weLa Liga eMzansi, * -Antonio Barradas, uthe inhloso enkulu wukuthuthukisa ibhola kuleli.
“Abantu abaningi baseSoweto sebeyazi ngale midlalo. Bayalithanda ibhola abantu baseNingizimu Afrika. Ukuba yingxenye yemiqhudelwano efana nalena kuyasisiza ukufaka isanda ekuthuthukeni kwebhola kuleli,”kusho uBarradas.
Iqembu elizodla umhlanganiso kwi-KwaMahlobo Games lizogoduka noR150 000.