ISITOBHA seKaizer Chiefs, uMario Booysen, siqinisa idolo ozakwabo ngokuthi akufanele bavumele ukugxekwa ngabalandeli kushabalalise ukuzethemba.
IChiefs iphuma esibhaxwini sika 2-1 esithelwe yi-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya ngempelasonto. Lokhu kulethe ibohlololo ePhefeni ngemuva kokuthi abalandeli bebekade sebethemba ukuthi bazokwazi ukuziphindiselela. Emuva kwalo mdlalo abadlali bagxekwe kakhulu, ikakhulukazi uBooysen owenze iphutha eliholele ekutheni eZimnyama zishaye igoli lesibili.
Izolo, eNaturena, bekubonakala ukuthi abadlali abakadluli kokwenzeke kowabakhaya. Ubukade ungekho umdlandla nenjabulo ejwayelekile ngesikhathi iqembu liziqeqesha.
UBooysen uthe bekungelula ukukwamukela ukuhlulwa yiPirates. “Bekunzima ukukwamukela ngoba senze konke okusemandleni kodwa ngikholwa wukuthi besingenza kangconywana. Ngibona kufanele sithathe okuhle esikwenzile, siqhubekele phambili sigxilise imiqondo yethu emdlalweni olandelayo."
Ngaphandle kokugxekelwa iphutha alenzile uBooysen, iminwe eminingi ibheke kumqeqeshi uGiovanni Solinas ngokushintshashintsha abadlali basemuva, ikakhulukazi abadlala maphakathi.
“Ebholeni kwesinye isikhathi uyawenza amaphutha. Kwesinye isikhathi uma wenza iphutha ujeza kanzima. Ngicabanga ukuthi sonke siyafunda kulona. Ngilenzile iphutha kodwa ukubheka phambili, kuya ngokuthi liyangikhulisa yini, ngizame ukulilungisa enkundleni yokuziqeqesha ngoba ekugcineni kufanele sigxilise imiqondo kokuphambi kwethu. Ngokwezinga labadlali esinabo, noma ubani angadlala. UDanny (Daniel Cardoso), Mathoho (Eric) noSiya (Siyabonga Ngezana) sonke singawenza umsebenzi. Kusezandleni zomqeqeshi. Awukwazi ukungabaza izinga labadlali esinabo ikakhulukazi emuva. Yebo, siyagxekwa kakhulu kodwa akufanele kuqede ukuzethemba. Asizithembe noma sigxekwa. Ngiyakholwa wukuthi ngeke umane ube ngumdlali obhedayo ngokushesha. Kufanele ugxilise umqondo wakho kokuhle, ukhule."
IChiefs inengcindezi yokuwinela indebe abalandeli asebefile yinkemane. Izobhekana neSuperSport United kwi-quarterfinal yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto, ngo-3 ntambama. UBooysen, odlale kwiSuperSport amahlandla amabili, ufuna ukubeka iqembu phambili kunokubeka ekhanda ukugadulisana nabangani bakhe. Uqede isizini edlule egijima kwi-Ajax Cape Town emuva kokuphela kwenkontileka yakhe neMamelodi Sundowns asayine kuyona ngo-2014 esuka kwiMaritzburg United.
ISundowns imbolekise amasizini amabili uBooysen kwiSuperSport okuyiyona ekhiphe iChiefs kwiMTN8. “Kuhlale kufana nempi uma uzobhekana nabangani bakho neqembu odlalile kulona. Kodwa ngicabanga ukuthi kufanele sigxile eqhingeni lethu esinalo naseqenjini ngoba njengomdlali ungazithola usuwenza amaphutha okuyinto ongayidingi. Kuhlale kukuhle ukubhekana neqembu odlalile kulona kodwa ekugcineni kufanele ugxilise umqondo wakho emsebenzi. Uma singadlala ngokuzinikela angiboni sizophuma kwiTelkom. Sibheke ukudlulela emzuliswaneni olandelayo. ISuperSport inabadlali abasezingeni. Baneqhinga esilaziyo. Kodwa kufanele sigxile kithina.”