IQEMBU elilodwa laKwaZulu-Natal, phakathi kweRichards Bay FC neRoyal Eagles, ngeke libe khona kwiNedbank Cup ka-2019.
Lokhu kuhlaluke izolo, eGoli, ngesikhathi kuqhathwa amaqembu eNational First Division (NFD) okuzohlungwa kuwona ayisishiyagalombili azojoyina awu-16 e-Absa Premiership. Ayisishiyagalombili nadlala ezigabeni zeSafa azokuba kulo mqhudelwano ukuze kuphelele awu-32.
IBay izotholana phezulu nabakhaya i-Eagles kweyokuhlunga. Lokhu kuchaza ukuthi elilodwa lalamaqembu ngeke libe yingxenye yawu-32 azoyibamba kwiNedbank Cup ka-2019 ngoba lizoliwasha ijezi.
Imidlalo yeNFD yokuhlunga izodlalwa ngempelasonto kaDisemba 1 no-2 ezinkundleni ezisazomenyezelwa.
Amanye amaqembu aKwaZulu-Natal azodlala ekuhambeni nokuchaza ukuthi kuzoba nzima kakhulu ukuthi azibekisele indawo emaqenjini awu-32 azoyibamba kulo mqhudelwano.
IReal Kings izovakashela iJomo Cosmos bese kuthi Uthongathi FC luyozama ukushayela iWitbank Spurs enkundleni yayo.
Isiyonke imidlalo yeNFD kwiNedbank Cup imi kanje: