Ezemidlalo

Anqotshwe ngamaphutha amaBoks amancane koweRugby Championship

Xolile Mpisane|Published

UBAFANA Nhleko inhloko yabaqeqeshi beqembu lesizwe lebhola lombhoxo labaneminyaka engaphansi kuka-20 Isithombe: X/JUNIOR BOKS

UKHALE ngamaphutha aholele ekutheni iqembu lakhe linqotshwe okokuqala kwi-Under-20 Rugby Championship umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola lombhoxo, uBafana Nhleko.

Lo mqhudelwano ofuze iRugby Championship yamaqembu amakhulu uhlanganise iNingizimu Afrika, New Zealand, Australia ne-Argentina.

Okokuqala udlalwa esigabeni sika-Under-20 kanti yonke imidlalo izobe iseSunshine Coast Stadium, eQueensland, e-Australia.

Iqembu laseNingizimu Afrika liwuvule ngokudlala ngokulingana ngo 13-13 neNew Zealand ngesonto eledlule.

Akulihambelanga kahle kowesibili njengoba linqotshwe ngosokhaya, iJunior Wallabies, ngo 24-19.

AmaJunior Boks adlale isikhathi eside engaphelele emuva kokukhishwa kukaMbasa Maqubela ngekhadi elibomvu kusadlalwe imizuzu engu-19.

Okwenze kwaba nzima kakhulu ukuthi libuye ngasekupheleni komdlalo wukuthi liphinde lalahlekelwa ngomunye umdlali, uBathobele Hlekani, othole ikhadi eliphuzi ngomzuzu ka-73.

“Okuphoxayo wukuthi besikwazi ukubafaka ngaphansi kwengcindezi ngezinye izikhathi kodwa saphinde sabanika ithuba lokuphefumula,” kusho uNhleko.

“Sizihlule ngokwethu kodwa kufanele siyincome ne-Australia ngokujezisa amaphutha ethu futhi nokwenza kangcono kuma-set piece. Sifikile ezindaweni ezinhle kodwa sangawasebenzisa amathuba. Asifuni kube yinhlalayenza, ngakho-ke kufanele sikulungise lokhu.

“I-Australia iwasebenzisile amathuba futhi inqobe kufanele kodwa amakhadi abe nomthelela ngoba abadlali bethu baphambili badlale isikhathi eside beshoda, nokuholele ekutheni bagcine bekhathele.”

AmaBhokobhoko asemsileni kwi-log ngamaphuzu amathathu emidlalweni emibili. Kuqhwakele iNew Zealand ngamaphuzu ayisikhombisa, kulandele i-Australia ngamahlanu, i-Argentina ibe sendaweni yesithathu ngamaphuzu amane.

Nakuba iqembu lakuleli lingeke lisakwazi ukubuya nendebe kodwa lisengakwazi ukuqeda endaweni engcono ngokunqoba umdlalo walo wokugcina lapho lizobhekana ne-Argentina ngeSonto ekuseni.

“Sizowubuyekeza umdlalo. Yize siphoxekile kodwa ngiyakholwa ukuthi abadlali banalo ikhono. Sidinga ukukhombisa okungcono uma sesibhekene ne-Argentina,” kuphetha uNhleko.