ITHUBA lokuziveza kumqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp kubadlali abasalizwa ngendaba ijezi kusukela efikile, lisheshe lanqamuka ngesikhathi umdlalo wabo neqembu laseGermany, iWerder Bremen umiswa ngenxa yesimo sezulu.
IBremen edlala kwiGerman Bundesliga iseNingizimu Afrika lapho izoziqeqesha khona endaweni eshisayo njengoba bekuvele ikhefu lamaholidi kaKhisimusi. Ngemuva kokukhala ngaphansi kwiMamelodi Sundowns koweligi, uMiddendorp unike ithuba abadlali abafana noLorenzo Gordinho, Siphelele Ntshangase, Ryan Moon nabanye ithuba lokuthi baziveze kuyena.
Kulo mdlalo uGordinho, obuye kwiBloemfontein Celtic njengoba kuqala unyaka, ubengukaputeni. Umdlalo uqalwe uBruce Bvuma ezintini, Dax, Kabelo Mhlasela noLucky Ngezana ukukha nje phezulu.
Bonke laba badlali bake balithola ijezi ngaphansi kobuholi bukaGiovanni Solinas oxoshwe ngonyaka odlule kodwa belisabeqa ngaphansi kukaMiddendorp. Lo mdlalo bekumele unike umqeqeshi ithuba lokubabona kahle laba badlali emdlalweni onzima neqembu elingcono.
Ngendlela lo mdlalo oqale ngayo ubukhombisa ukuthi kwabaningi ukuthatha iso likaMiddendorp kubalulekile kodwa iChiefs iyona ezithole isilandela ngemuva ngegoli elishaywe uJohannes Eggestien. Umdlalo bekuhlelwe ukuthi udlalwe ube imizuzu ewu-25 ezohlukaniswa kane. Kuthe kusadlalwe imizuzu ewu-25 emibili laqala izulu lashintsha.
Kugcine sekubonakala ukuthi kufanele kumiwe ngoba nempilo yabadlali beyingaba sengozini kwazise bese liduma, lishaya nombani onzima. Liphele kanjalo ithuba labadlali beChiefs abeqiwa yijezi bekhona. Imizuzu engu-50 kufanele ukuthi kube khona ebasebenzele njengaye uGordinho obekhombisa izimpawu zokukhula.
Akufihliwe ukuthi iChiefs isenazo izimpawu zokuba buthaka ikakhulukazi emuva okungaba yindlela angangena ngayo uGordinho njengoba okwamanje kusadlala uTeenage Hadebe noMario Booysen. Sesisonke isikimu ebesiqale lo mdlalo besimi kanje: Bvuma, Kgotso Moleko, Ngezana, Gordinho, Letlhogonol Mirwa, Dax, Khotso Malope, Ntshangase, Dumisani Zuma, Mahlasela noMoon.