UPOLLEN “Trompies” Ndlanya, oke wagijimela iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eminyakeni edlule, uthi abalandeli baMakhosi abakhohlwe wukuthi kukhona isicoco abazosithola kule sizini ka-2018/2019.
UNdlanya uthe ukushintshwa njalo kwesikimu, ukuphelelwa amaqhinga kwabaqeqeshi, nobuthaka bodonga emuva yikona okumlahlisa ithemba ukuthi kukhona okunganqotshwa yiChiefs ebukeka ibuthuntu futhi ingenaso isithunzi.
Amakhosi aseshaywe kabili yizimbangi zawo i-Orlando Pirates kule sizini, kanti nakwi-log akuhambi kahle. Asanda kushaywa yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1 ngeledlule, ashoveleka kunombolo 7.
NgoLwesibili ezikaGiovanni Solinas zishaywe iZimamoto FC yaseZanzibar ngo 2-1. Nakuba iChiefs iqhubekele phambili kulo mqhudelwano (ngenxa yokuthi yanqoba umdlalo womlenze wokuqala ngo 4-0) kodwa ukushaywa yiqembu elingazelwa lutho njengeZimamoto, kuyizimpawu zokuthi kuningi okungahambi kahle kubafana Bokuthula Noxolo.
“Asikho isicoco esizonqotshwa yiChiefs kule sizini uma isadlala kanje. Njalo kushintshwa isikimu, angiqondi ukuthi umqeqeshi usishintsha kanjani isikimu engakabi naso esimnqobela imidlalo. Ngalesi sikhathi sesizini kufanele ngabe sekuyacaca ukuthi iChiefs ibheke kuphi kodwa lutho, kunalokho kuya ngokuya kuba mnyama kakhulu. Uma ubuka amaqembu anjengoPirates neMamelodi Sundowns aseqalile ukukhombisa ukuthi abheke kuphi. Nezikimu zawo anqoba ngazo imidlalo seziyaziwa. Kodwa lutho kwiChiefs,” usho kanje uNdlanya.
Uthe sasingekho nesincane isidingo sokuthi kuxoshwe uSteve Komphela, uma noSolinas ekhombisa ukuhluleka ngale ndlela.
“Ubengcono kakhulu uKomphela, hleze yena ubengenabo abadlali futhi ephikwa yinhlanhla. Kanganani kumqeqeshi onabo abadlali ohlulwa ukubasebenzisa. Nethimba nje lonke labaqeqeshi kwiChiefs alikhombisi ukuba namava. Abadlali kabakhombisi ukuthi bayethenjwa, kwabona ungathi bayasaba. Uma nje ngingalibeka lime, ngingathi angiyiboni iqeda kwi-Top 8 iChiefs uma kuphela isizini,” usho kanje uNdlanya oke wadlalela neManning Rangers eminyakeni edlule.
Umdlalo olandelayo weChiefs izowudlala neSuperSport United kwi-Absa Premiership ngoDisemba 12 eMbombela Stadium. Amakhosi agcina ukunqoba umdlalo weligi ngoNovemba 7 eshaya iBlack Leopards ngo 1-0, eFNB Stadium.