‘ANGIYENA umqeqeshi ovulela kakhulu ngaphansi kwekhala ngezinto esengizizuzile ebholeni. Uma ngingabala ukuthi kukangaki ngifika kowamanqamu emiqhudelwaneni eyehlukene, ngingabala kushone ilanga”.
Lena yimpendulo kaSteve “Mphathi” Komphela, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, kade ebuzwa ngamathuba ezakhe okufika kowamanqamu emqhudelwaneni iNedbank Cup.
Abafana Bes’thende bazotholana phezulu neWitbank Spurs emdlalweni weLast 16 kwiNedbank Cup ozoba sePuma Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Nginqobe isicoco seCosafa Under 20 neqembu lesizwe. Kuningi esengikwenzile ebholeni, ngenxa yokuthi angiyena umuntu ovulela kakhulu emlonyeni ngeke ungizwe ngikhuluma lezo zinto. Kunenqwaba yabadlali edlule ezandleni zami, ongeke ungizwe ngikhwela entabeni ngimpongoloza ngithi wumdlali wami. Baningi abantu abazifelayo ngokunconywa kodwa mina cha, ngiyindoda ezithobile. Uma okuhle kuza ngiyakwamukela. Ekugcineni kufanele sazi ukuthi kukhona abanqoba imidlalo kodwa abangayishintshi impilo yabantu,” kusho uKomphela.
uKomphela ufike kowamanqamu kabili esaqeqesha iKaizer Chiefs. Ushaywe yi-Ajax Cape Town ngo 1-0 kwiMTN 8, waphinde washaywa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 kwiTelkom Knockout.
Ebuzwa ngeWitbank Spurs, uKomphela uthe ulindele umdlalo onzima ngoba baqeqeshwa wuqweqwe * -Ephraim “Shakes” Mashaba obekwiBafana Bafana.
“UBra Shakes (Ephraim Mashaba) ungumqobi, siyamazi sonke ukuthi wenzeni kwiBafana. Ngichazwa yindlela aziphatha ngayo yena siqu, njengomqeqeshi. Selokhu efikile kwiSpurs umsebenzi uyabonakala. Sekuyiqembu elicindezelayo nxa ibhola lingaliphethe, eliyingozi kakhulu uma seliphethe ibhola. Konke lokho uma uqaphelisisa kahle yizimpawu zikaShakes zokuqeqesha ezigqame kakhulu esapheka iBafana.
Uthe abazoyithatha kancane neze iWitbank ngenxa yomlando wesicoco.
“Ngiyakhumbula ngisekwiFree State Stars sake sadlala nabo kodwa angizange neze ngisixegise isikimu. Emzuliswaneni wokuqala sidlale neTjakastad Junior Shepherds nayo asizange siyibukele phansi.
Kubalulekile ukuthi sikuqonde ukuthi lona ngumdlalo womkhumulajezi ngakho ithuba linye niyalibanga. Kubalulekile ukuthi sizibambe ziqine, singalinge sibe neqembu esilithatha kancane.”