AKAFUNI nokuyithi vu eyeNdebe yoMhlaba, uMakazole Mapimpi, ogijima ophikweni kwiCell C Sharks, nakuba eseziphendule isithandwa kumqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
Abadlali abaningi eNingizimu Afrika sebezama ‘ukuzidayisa’ ku-Erasmus njengoba sekusele izinyanga ezine ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eJapan.
Ngesikhathi amaBhokobhoko edlala ne-Argentina kwiRugby Championship ngonyaka odlule eKings Park Stadium, u-Erasmus wayengawuvali umlomo ngokuzinikela kukaMapimpi.
Wamchaza njengomdlali ofunda ngokushesha futhi ongazithwele. Ngesikhathi esho lokhu u-Erasmus, wawumbona ngisho ebusweni ukuthi uchazekile ngendlela uMapimpi adlala ngayo.
Naye uMapimpi uyakufakazela ukuthi u-Erasmus wamncoma ngonyaka odlule ekhempini yeqembu lesizwe eyayiseKapa. Ngokusho kukaMapimpi, okwamanje usadlala kwiSharks, okokukhethwa kwelesizwe eliya kwiNdebe yoMhlaba akuyona into ayicabangayo.
“Angikakayicabangi eyokudlala kwiNdebe yoMhlaba. Angifuni ukuzixaka ngizixukuze ngento esekude. Njengamanje ngidlala kwiSharks, futhi ngifuna senze kahle kwiVodacom Super Rugby,” usho kanje uMapimpi.
Ebuzwa ukuthi kungani kule sizini evutha engabaselwe, uthe: “Kumasizini amabili edlule, bengidlala kwiPro 14, ngadlala kwiCurrie Cup nakweminye imiqhudelwano. Ukukhuluma nje iqiniso bengikhathele ngoba miningi imidlalo engiyidlalile. Kodwa ekupheleni kwesizini edlule, ngithole ithuba lokuphumula, kungakho ngizizwa ngingumqemane.”
ISharks izotholana phezulu neReds yase-Australia emdlalweni weSuper Rugby eKings Park Stadium ngoLwesihlanu, ngo-3.05 ntambama.
Iya kulo mdlalo nje iphuma esibhaxwini sika 51-17 ishaywa iJaguares ngeledlule.
Imidlalo yeSuper Rugby imi kanje:
NgoLwesihlanu: Chiefs v Lions (FMG Stadium, 9.35am), Sunwolves v Hurricanes (Chichibunomiya, 12pm), Sharks v Reds (Kings Park, 3.05pm)
NgoMgqibelo: Highlanders v Blues (Forsyth Barr Stadium, 9.35am), Waratahs v Rebels (Allianz Stadium, 11.45am), Stormers v Brumbies (Newlands Stadium, 3.05pm)