UMDLALI weBafana Bafana uPercy Tau uthi akabanaki labo abakubona njengokushona phansi ukudlala kwakhe eBelgium
ISILOMO somdlali weBafana Bafana, uPercy Tau, asizinaki izinkulumo zabakubuka njengokubuyela emuva ukuyodlala kwaso kwiligi ephansi yaseBelgium.

UTau usayiniswe yiqembu elidlala kwi-English Premier League, iBrighton & Hove Albion ekuqaleni kwesizini esuka kwiMamelodi Sundowns ngemali elinganiselwa ku-R50 million.

Nokho akakwazanga ukuyodlala kwiPremier League ngenxa yemibandela eqinile yokuthola imvume yokusebenza e-England.

Ube esebolekiswa kwiRoyale Union Saint-Gilloise edlala esigabeni esiphansi eBelgium. Useshaye amagoli amabili wakha amane selokhu kuqale isizini.

Kube nezinkulumo ngokubolekiswa kwakhe eBelgium, abanye bethatha lokhu njengokwehlisa izinga lakhe. Kodwa uTau ezikhulumela yena esekhempini yeBafana uthe akazinaki lezi zinkulumo.

“Angicabangi ukuthi ngingakwazi ukumelana nemibono yabo bonke abantu. Siphila emphakathini lapho wonke umuntu enendlela abuka ngayo izinto. Ngokwami nje lena yindlela ehlukile engiyikhethile. Sengike ngenza okufanayo. Ngaya kwiWitbank Spurs (ebolekiswe iSundowns) futhi kwaba nomvuzo omkhulu.

“Angikaze ngingabaze ngezinqumo engizithathayo iningi labantu elingavumelani nazo. Kuhlezi kumnandi ukukholelwa kuwena nokuthi izinto zizogcina zilungile futhi-ke umhlaba mncane, uma use-Europe iFrance ayikude ngakho mina angiyiboni inkinga,” kusho uTau.

Ngokwakhe isinqumo seBrighton sokumbolekise kwaba wukumsiza ekutheni ajwayele impilo nendlela yokudlala yaphesheya.

Uthe nendlela yokudlala eqenjini lakhe akayixwayi ngoba uzibona njengomdlali okwazi ukudlala ezindaweni ezehlukene.

“Sidlala i-4-4-2, okungabagadli ababili. Sibabili (noYoussoufou Niakate) osenamagoli awu-14 emidlalweni ewu-10. Kumele sisize ekuvaleni emuva. Siyalekelelana kulokho,” kusho uTau.

NgoMgqibelo uTau uzobe engomunye wababhekiwe ekutholeleni iBafana amagoli uma isidlala neSeychelles kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).

Umdlalo useFNB Stadium ngo-3 ntambama.