UHLOSE ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa umdlali waseThekwini weTS Galaxy, uSinethemba “Snebenebe” Ngidi ozobhekana neqembu lasendaweni adabuka kuyona, Lamontville Golden Arrows kowandulela owamanqamu weNedabank Cup ngoMgqibelo, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
UNgidi, okhule ezinkulisa zeSuperSport United waze wayozama inhlanhla kwiTottenham Hotspur yase-England, usemabhukwini aleli qembu laseMpumalanga eliqeqeshwa uDan Malesela. IGalaxy esendaweni emaphakathi kwi-log yeNational First Division (NFD), ineminyaka emine yasungulwa yi-agent yabadlali, uTim Sukazi.
Kusukela kufike uMalesela eqenjini uNgidi ubonakala edlondlobala ngenxa yokwethenjwa yilo mqeqeshi odume ngokudlalisa ibhola elinenkosi phakathi futhi elidla utshani.
Lo mdlalo umqoka futhi unzima ngezindlela eziningi kuNgidi ozobe edlala phambi kwabazali bakhe nalo lonke uzalo, okuhlanganisa oninalume nabangani bakhe. Uthe kuzoba nzima kuyena kodwa unalo iqhinga lokuzethula umthwalo.
“Kulula okwami kulo mdlalo. Asikho isidingo sokuvumela isimo engibhekene naso ukuthi singibuse umqondo kepha kumele ngenze konke okulula futhi ngihlale kulokhu okufunwa umqeqeshi. Ngibona ithuba lokukhumbuza ngisho nabaqeqeshi esengike ngasebenza nabo phambilini ukuthi ngisekhona ebholeni. Lo mdlalo ukwithelevishini ngakho-ke angazi ukuthi ubani ozobe ebuka. Kodwa enhliziyweni yami nginakho ukuthi kukhona okuhle okubhekene nami okuzokwenzeka ngenxa yalo mdlalo. Kusemqoka nokho ukuthi ngibeke iGalaxy phambili bese izimfuno zami zilandela ngemuva,”usho kanje uNgidi ekhuluma neSolezwe.
Mayelana nomdlalo, uNgidi uthe balindele ukuthi kube nzima ngoba i-Arrows isiqeqeshwa uSteve “Mphathi” Komphela odume ngokudlalisa ibhola elihle.
“Ngenhlanhla enkulu angikaze ngisabe muntu enkundleni, ngakho nakulo mdlalo ngiya ngokukholwa ukuthi sizodlulela esigabeni esilandelayo. Asikawubheki lo mdlalo (weNedbank) kangako ngoba kusafanele sidlule kwiRoyal Eagles (ebashaye ngo 1-0 kwiNFD). Unethemba nomqeqeshi wethu ukuthi singadlula kwi-Arrows kodwa sizoyihlelela kahle uma sesiqede nge-Eagles.”
Mayelana nokubhekana nabangani phambi komndeni nakuwona okukhona abalandeli baBafana Bes’thende, uNgidi uthe ukwehlisa umoya kuphela okuzomsiza.
“Angikungabazi ukuthi umdlalo uzoba mnandi ngoba kwi-Arrows kukhona nabangani bami njengoSanele (Mathenjwa). Lokhu kwenza ngithole izingcingo eziningi bengibuza ngalo mdlalo.”
Khonamanjalo iPSL ibeke icala iBloemfontein Celtic lokuhluleka ukuhlela ezokuphepha okuholele ekutheni ungaqhubeki umdlalo wayo neCape Town City ngeSonto. Umdlalo umiswe kungu 0-0 ngoba abalandeli sebengena enkundleni. Izovela ngo-Ephreli 25 ekomitini eliqondisa ubugwegwe.