AMAZULU FC awazimisele nakancane ukudedela uMabhudi Khenyeza bhusende uma iMaritzburg United iqinisekisa ukuthi ifuna ukumbhalisa njengomdlali.
UKhenyeza ushiye Usuthu wajoyina iMaritzburg njengephini lomqeqeshi uMuhsin Ertugral. UKhenyeza, AmaZulu neMaritzburg bavumelane kahle mayelana nokuhamba kwalo mdlali.
I-Team of Choice iyibambe emsileni kwi-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-11 emidlalweni engu-18. Leli qembu linenkinga yamagoli kule sizini. Emidlalweni engu-18 lisashaye amagoli ayisithupha kuphela.
ULunga Sokhela, oyimenenja jikelele kuMaZulu, uqinisekisile ukuthi iMaritzburg isixhumene nabo mayelana nokubhalisa uKhenyeza njengomdlali.
“UKhenyeza usenenkontileka nathi kuze kuphele isizini. Simdedele ngenxa yemibandela ethize. Usichazele ngokulangazelela kwakhe ukuqeqesha sase simvumela ukuthi ahambe. Sisayine inkontileka ngakho ngeke enze okunye kuze kuphele isizini. Bafake isicelo (iMaritzburg) kodwa ngeke sivele sivume nje. Kumele kube nenkokhelo ethile njengoba kuhlale kwenzeka uma umdlali eya kwelinye iqembu. Sibanikile esikufunayo kodwa basitshele ukuthi akubenelisi, okwamanje sisashiye kanjalo,” kusho uSokhela.
Awabuzwa amava kaKhenyeze kunobhutshuzwayo. Ulele isibili kubadlali asebeshaye amagoli amaningi emlandweni wePremier Soccer League (PSL).
Izinto aziyihambeli kahle iMaritzburg. Abakawuwini umdlalo weligi kusukela ngoSepthemba nyakenye. Basawine umdlalo owodwa kuphela selokhu kuqale isizini. I-Team of Choice ixoshe uFadlu Davids yaqasha * -Ertugral ongakawini selokhu efikile.
Lo mqeqeshi usazama ukushintsha izinto kwiTeam of Choice njengoba esahlale imidlalo emine ebhentshini. U-Ertugral uthelwe othulini ngo 2-0 yiLamontville Golden Arrows emdlalweni wakhe wokuqala. IFree State Stars nayo ifike yathunuka iTeam of Choice enxebeni iyishayela esibayeni sayo emdlalweni olandele lowo.
Leli qembu laseMphithi liphinde lathola induku ngoLwesithathu olwedlule libhekene neMamelodi Sundowns komunye umdlalo weligi ngaphansi kuka-Ertugral. Ngempelasonto kuphinde kwangahamba kahle iMaritzburg ibhekene neChippa United lapho ishaywe khona ngo 2-0 eSisa Dukashe Stadium.
“Uma singavumelani ngalokhu esikuxoxayo izinto zizoshintsha kakhulu,” kuphetha uSokhela.
IMaritburg isanda kusayinisa uThabiso Kutumela obegijima kwi-Orlando Pirates noJudas Moseamedi obolekwe kwiCape Town City, emizameni yokuqinisa amafolosi asahlulekile ukwenza into ebonakalayo kule sizini.
ITeam of Choice iphinde yamataniswa noGustavo Paez weKaizer Chiefs kodwa iqembu lakuphika lokho.
NgeSonto iMaritzburg izobhekana neWitbank Spurs emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ePuma Rugby Stadium, ngo-3 ntambama.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 32:
Kusasa: Bidvest Wits v Boyne Togers FC (Bidvest Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Tshakuma FC (Old Peter Mokaba Stadiu m, 7.30pm)
NgoLwesihlanu: Cape Umoya United v Tshwane University of Technology (Athlone Stadium, 3pm); AmaZulu FC v Highlands Park (King Zwelithini Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Umvoti FC v TS Galaxy FC (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Nelson Mandela Bay Stadium, 3pm); Free State Stars v Richards Bay FC (Goble Park Stadium, 3pm); Black Leopards v Orlando Pirates (Thohoyandou Stadium, 6pm); Cape Town City v SuperSport United (Cape Town Stadium, 8.15pm); Tjakastad JS v Lamontville Golden Arrows (Kanyamazane Stadium, 8.15pm)
NgeSonto ngo-3 ntambama: Super Eagles v Bloemfontein Celtic (Goble Park Stadium); Witbank Spurs v Maritzburg United (Puma Rugby Stadium); Mbombela United v NC Professionals FC (Kanyamazane Stadium); Tornado FC v Kaizer Chiefs (Sisa Dukashe Stadium)
NgoLwesibili (Januwari 29): Maccabi FC v The Magic FC (Dobsonville Stadium, 7.30pm); Baroka FC v Jomo Cosmos (Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)