PHEZU kokuthi AmaZulu ephume inqina kaMabuyaze emidlalweni emibili kodwa lokho akusho ukuthi sekungaqalwa kuthiwe inyanda yemuka nesibopho. Ngokusho komqeqeshi uCavin Johnson ezakhe zisengawaphendula amatafula emdlalweni olandelayo yize lizodlala neqembu elihlonishwayo nelinesikimu esiqinile.
Usuthu luzobhekana ne-Orlando Pirates ebuya esibhaxwini sika 3-0, emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibili ngo 7.30 ebusuku. “Emidlalweni emibili esesiyidlalile sehluliwe. KwiBidvest sishaywe ngenxa yamaphutha esaba nawo ayengenasidingo. Sibhekene nePolokwane City sadlala kahle engangokuthi nebhola lalihlezi kithina isikhathi esiningi. Okungenani kwakufanele sibuye nephuzu kulo mdlalo kodwa ngeshwa sangenelwa yigoli ngomuzuzwana wokugcina wesikhathi esengezwe unompempe,” kuchaza uJohnson.
“IPirates inabadlali abaningi abahle ngakho kufanele sizibambe ziqine. Okumele sikwenze wukuthi kumele sibahlasele siphindelela ukuze bangalitholi ithuba lokuthi basebenzise iqhinga abazokube behlele ukusihlasela ngalo kodwa balwe nokusivimba ngaso sonke isikhathi,” kubeka uJohnson.
Elinye iqembu laKwaZulu-Natal okulindeleke ukuthi libuyise isithunzi salo yiLamontville Golden Arrows ephuma esibhaxwini sika 5-0 esithole kwiBloemfontein Celtic.
Abafana Bes’thende bazodlala neChippa United ezoya kulo mdlalo ihambela phezulu emuva kokudlala ngokulingana neMamelodi Sundowns, eSugar Ray Xulu Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UMandla Ncikazi, oyiphini lomqeqeshi uthe njengoba esehambe inyathuko ethanda ukuba yinde kulo mkhakha wezokuqeqesha ubona le sizini izokuba ngenzima.
“Emidlalweni esidlaliwe engikuqaphelile wukuthi noma ngubani angathola amaphuzu noma yingasiphi isikhathi kungakhathaleki ukuthi uyiqembu elincane noma elikhulu. Ubani obengacabanga ukuthi iBaroka ingasheyela iWits (Bidvest) esibayeni sayo, nokuthi iSuperSport United ingahlula iPirates nokuthi iChippa yabelane ngephuzu neSundowns,” kusho uNcikazi.
Uthi ngaleyondlela kuze kube yimanje awukacaci umkhombandlela ibhola lethu elizohamba ngawo ngale sizini.
“Amaphuzu amathathu siyawadinga kulo mdlalo ukubuyisa isithunzi sethu. Yize kunjalo kodwa akusho ukuthi sinesiqinisekiso salokho. Nathi siyowalwelwa njengoba neChippa izokube yenza njalo,” kusonga uNcikazi.
Ngokunjalo neMaritzburg United ehlukaniselane ngephuzu neHighlands Park ngesonto eledlule inomdlalo onzima ezowudlala neStellenbosch eCoetzenburg Stadium, eKapa ngeSonto ngo-3 ntambama.
IStellies ibukeka iyiqembu elifuna ukugcina indawo kwi-Absa Premiership kulandela ukusayinisa uRyan Moon obegijima kwiKaizer Chiefs..