AMAZULU awayingeni imibiko ethi uReneilwe Letsholonyane angase awajoyine ngemuva kokuthi lo mdlali ebonakale ekhuluma nomqeqeshi woSuthu uCavin Johnson, ngesikhathi kunemidlalo ye-Engen ebise zinkundleni ezingaphandle weMoses Mabhida Stadium, emasontweni amabili edlule.
ULetsholonyane (37), owaduma kakhulu kwiKaizer Chiefs nashiye kuyona ngemuva kokufika kukaSteve Khomphela, wajoyina iSuperSport United, akanalo iqembu ngemuva kokuthi Amatsatsantsa engayivuselelanga inkontileka yakhe nokumenza abeyisosha elizikhuzayo.
Phezu kokuthi lo mdlali eyichitha naye lemibiko kodwa ebholeni kuyaziwa ukuthi izinto zimane ukwenzeka. Kulalwa kukhulunywa okunye ngakusasa uma kuvukwa uthole ukuthi abantu sebesho okunye odabeni abebekade beluphikile.
“Ukubonakala kwami ngikhuluma nomqeqeshi waMaZulu lokho akusho ukuthi sasixoxa ngokuthi ngingajoyina iqembu lakhe. Sasikhuluma ngoba siyazana futhi sikwi-Engen Tournament sonke.
“Yebo, anginalo iqembu okusho ukuthi ngingajoyina noma yiliphi elibeka okungcono etafuleni. Nakuba ngingeke ngenabe kabanzi kodwa ngingasho ukuthi ngingase ngijoyine elinye laseGauteng, ngokunjalo neKZN (KwaZuluNatal) ngeke ngayishiya ngaphandle,” kusho uLetsholonyane komunye umthombo wezindaba.
Le nkulumo kaLetsholonyane iholele ekutheni ingwenya ewuPotshoza njengokwejwayelekile yalala izibatha zikaxamu eduze nehhovisi loSuthu ngenhloso yokuhosha umoya.
Umthakathi wezindaba ube esezwa esinye isikhulu siphawula ngale ndaba sithi into engekho.
“Abantu abadlala ngathi. Asinazo izinhlelo zokusayinisa umdlali njengamanje. Siwavalile amabhuku okusayinisa abadlali abasha.
“Impela umdlali esingamsayina kungaba osemncane futhi oseqophelweni eliphezulu kakhulu okungabe iqembu litshala imali yalo kuye ngesazela sokuthi leyo mali izobuya kusasa. “Ngeke sithi sisayina umdlali osekhulile njengoLetsholonyane ekubeni uBhele ethathe umhlalaphansi, lokho kimi akunamqondo ophusile. Ngokwami akekho umdlali osekhulile oyofika ezingeni le Bhele,” kusho le sikhulu.