KUHLUKANE inhloko nesixhanti kumdlali wamMaZulu FC u-Ayabulela Konqobe naleli qembu laKwaZulu-Natal. USuthu luqinisekise lezi zindaba emakhasini ezokuxhumana kuFacebook neTwitter ngesitatimende.
Leli qembu liveze ukuthi livumelane nalo mdlalo ngokunqamula inkontileka yakhe ngoMsombuluko.
“Akukho kuhle ukuthi sikhethe ukunqamula inkontileka yomdlali ngalesi sikhathi kwisizini. Sivumelene ngesihle no-Ayabulela futhi simufisela inhlanhla ngekusasa lakhe,” kusho imenenja yaMaZulu uLunga Sokhela.
Uthe akukho okunye abazokuphawula ngalolu daba,
“Okwamanje sigxile ekuqinisekiseni ukuthi iqembu liyiqeda kahle isizini,” kuphetha yena.
CLUB STATEMENT
AmaZulu can confirm that the club has terminated the services of Ayabulela Konqobe with immediate effect.
The two parties reached an amicable agreement on Monday.
#Usuthu_Unite pic.twitter.com/Ma3ig9iiXv
— AmaZulu FC (@AmaZuluFootball) April 8, 2019
UKonqobe (23) akukhona okokuqala ekhonjwa indlela kuleli qembu. Ngo-2016 AmaZulu anqamula inkontileka yakhe ngesikhathi ebolekwe kwi-Ajax, kukhalwa ngokuthi akayilandelanga imigomo yeqembu.
Lo mdlali ufike kuSuthu ngoJanuwari nonyaka.