AMAZULU FC agaqele unyazi lwaseTogo, oluzinze eFrance, ngemuva kokuhlala obala ukuthi antula abagadli ababukhali osekuholele ekutheni ahlulwe imidlalo embalwa kungenasidingo.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngemuva kokubhuntsha kwemizamo yokuthola uJames Keene, weBidvest Wits abaphathi boSuthu babe sebezama lo mgadli onconywe ngomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo ebholeni lakuleli.
Ethintwa ngale ndaba uQedusizi Dlamini, oyimenenja yaMaZulu uvumile ukuthi ukhona umgadli wangaphandle abakhuluma naye kodwa ngeke akwazi ukumgagula ngoba abakavumelani naye.
“Kuliqiniso ukuthi ukhona umgadli wangaphandle esixoxisana naye kodwa ngeke ngikwazi ukudalula igama lakhe okwamanje, kuze kube sibopha zonke izibopho okuvunyelenwe ngazo,” kusho uDlamini.
“Kuthiwa lo mgadli ubedlala eRomenia, nokuthi ngokuhlatshwa kwekhefu lasehlobo wacela ukuthi akhululwe.”
Ngokusho komthombo kuthiwa lo mdlali kufanele ahlangane naMaZulu kusasa eGoli (Msombuluko) ukuze kuqedwe konke bese eyohlolwa ngodokotela.
Uphenyo olwenziwe yiSolezwe ngeSonto luveza ukuthi lo mgadli okukhulunywa ngaye nguCamaldine Abraw.
Lo mgadli ufike eNingizimu Afrika wadlalela iFree State Stars lapho azakhela khona ugazi kubaqeqeshi abaningi okwagcina ngokuthi adonse amehlo eKaizer Chiefs.
Ngemuva kokusayina kwiChiefs kwaqubuka umbango neBloemfontein Celtic, ithi uqale wasayina kuyona ngaphambi kokuthi aye kuMakhosi.
Kuleli qembu laseNaturena udlale imidlalo emincane ngaphambi kokuthi afudukele eMilpark kwiBidvest Wits, eyozama inhlanhla kodwa wehluleka ukwenelisa uGavin Hunt oqeqesha iClever Boys.
Ebuzwa uDlamini ngendawo abantu abaningi ababona uSuthu lubuthakathaka kuyona emapalini uthe bavumelene ngokuthi kunokuba bathole unozinti kungcono baqale ngomgadli
ngoba yikhona ababona bentenga kukho.
Namuhla AmaZulu anomdlalo onzima lapho okuzofanele alwele amaphuzu amathathu uma esedlala neBaroka ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngo 3.30 ntambama.