Ezemidlalo

AmaProteas esifazane abuyise isithunzi sekhilikithi yakuleli

Xolile Mpisane|Published

AMAPROTEAS esifazane agile izimanga ehlula i-Australia kuma-ODI eSydney, e-Australia, izolo Isithombe:CSA

Libuyise ithemba kubalandeli bekhilikithi bakuleli iqembu lesizwe labesifazane ngesikhathi linqoba i-Australia ngama-run angu-84 emdlalweni wesibili wochungechunge lwemidlalo yama-over angu-50 (ODI) obuseNorth Sydney Oval, e-Australia, izolo ntambama.

Linqoba nje izihlathi bese zehlile kuleli kulandelwa ukukhishwa kweqembu labesilisa lika-Under-19 kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba, lapho liguqiswe khona yi-India ngamawikhethi amabili.

Kuthe kusabatshazwa lokho kwabheda nakwelikhulu labesilisa elixetshulwe yiNew Zealand ngama-run angu-281 emdlaweni wokuqala wochungechunge lwama-Test.

AmaProteas esifazane angene emdlaweni wesibili ne-Australia engaphansi kwengcindezi kwazise abenqotshwe ngamawikhethi ayisishiyagalombili kowokuqala ngoMgqibelo.

Iqembu lasekhaya liwine ithosi lakhetha ukushwiba kuqala. Umdlalo uke wamiswa ngenxa yemvula, wagcina uncishisiwe waba ngama-over angu-45 iqembu ngalinye.

AmaProteas ahlanganise ama-run angu-229, sekuphume abadlali abayisithupha. Kugqame kakhulu uMarizanne Kapp, oshaye ama-run angu 75, u-Anneke Bosch oshaye angu-44 noChloe Tryon othole angu-37.

Kuthe i-Australia isingena izoshaya, abashwibi bakuleli benza ezibukwayo bekhipha abadlali bayo belandelana. Nakuba u-Ashleigh Gardner noKim Garth bebe wuhlupho ngasekugcineni kodwa iqembu lasekhaya ligcine likhishwe lonke lisashaye ama-run angu-149.

“Sithole isibhaxu esinzima emdlalweni wokuqala e-Adelaide futhi nalona ubungelula. Bekungeyona inkundla okulula ukushaya ibhola kulona kodwa indela esihlanganise ngayo ama-run angaphezu kwangu-200 iyakhombisa ukuthi iqembu lilwe kangakanani,” kusho uKapp, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Sesike sazenzela phansi phambilini lapho sisethubeni lokunqoba khona uchungechunge sibhekene nelinye lamazwe ahamba phambili emhlabeni, i-England. Besinalo nethuba lokunqoba uchungechunge lweT20 esisanda kuludlala ne-Australia kodwa sahluleka emdlalweni wokugcina. Ngiyethemba ukuthi kulokhu sizokwazi ukunqoba.”

La maqembu azobhekana emdlalweni wokugcina we-ODI ozobanjelwa eNorth Sydney Oval kusasa ngo-5.30 ekuseni. Uzolandelwa owodwa weTest ozodlalelwa eWestern Australia Cricket Association (Waca) Ground kusukela ngoFebhuwari 15 kuya ku-18.