ABADLALI bamaBhoko-bhoko bejabula ngemuva kokushaya i-Argentina emmdlalweni weRugby Championship e-Ernesto Martearena Stadium, eSalta, ngoMgqibelo
UKUDLA kwamaBhokobhoko isicoco iCastle Lager Rugby Championship okokuqala ngqa kungase kube isinongo esimqoka kwinqanawe yeqembu elibunjwa wumqeqeshi uRassie Erasmus ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba ngoSepthemba 20 eJapan.

Ukudla isicoco okokuqala selokhu kwashintsha iTri Nations yaba yiRugby Championship kwenza amaBhokobhoko afike eJapan ethwelwe ngeqoma. Lokhu kuzokwenza u-Erasmus afike engumqeqeshi ohambela phezulu eJapan ngoba uphumelele ukwenza obese kuhlule abaqeqeshi abaningi.

Yebo ukudla iChampionship akusho ukuthi usuke usungumpetha womhlaba kodwa kwenza ukuthi nakulowo mqhudelwano ufike uhambela phezulu nabanye bakubuke basabe.

Yilezi zinongo ezenza u-Erasmus aye kulo mqhudelwano ukuzethemba kuphezulu. Ukudla iChampionship kusho ukuthi amaqembu amabili okuhlale kubhekwe kuwo ukuthi kuphume umpetha womhlaba, iNew Zealand ne-Australia, usuwashayile. Lokhu kukodwa kwenza amazwe afana ne-England, Wales, Northern Ireland neFrance aphathwe yintola.

Ukunqoba kwamaBhokobhoko ngo 46-13 ngoMgqibelo ebusuku e-Argentina ukuhlanganisa nokuthi i-Australia inenebule ama-All Blacks ngo 47-26 kuwenze ompetha balo mqhudelwano ngamaphuzu awu-12. Isibili sithathwe yi-Australia ngamaphuzu ayisishiyagalombili bese kuba yi-All Blacks ngayisithupha kuvale iPumas ase-Argentina ngamaphuzu amabili emqhudelwaneni obuwenziwe waba mfushane ngenxa yayo iNdebe yoMhlaba.

Kusenjalo, iCell C Sharks inqobe ngo 27-20 ngemizuzu yokugcina kwiFree State Cheetahs emdlalweni weCurrie Cup obuseThekwini ngoMgqibelo. Kuyiwe ekhefini kuhamba iSharks phambili ngo-17-12.

Bekuyiwini yeSharks yesibili emidlalweni emine. Lokhu kuyibeke endaweni yesihlanu kwi-log kodwa iCheetahs isendaweni yesithathu kwazise ibhansile njengoba ishaywe ngamaphuzu angaphansi kwayisikhombisa. Umdlalo olandelayo weSharks useGoli ngoMgqibelo lapho izobhekana khona neGolden Lions.