XOLIE MPISANE
IQEMBU lakuleli lombhoxo lamaSevens, amaBlitzbokke, seliqalile ukuzilolonga njengoba lihlose ukuqhubeka nefomu enhle emqhudelwaneni we-World Sevens Series kulo nyaka.
EzikaNeil Powell ziluqale kahle uchungechunge luka2021/2022 ngokunqoba imiqhudelwano emibili ilandelana eDubai, ngoNovemba nangoDisemba nyakenye.
Imiqhudelwano emibili elandelayo izodlalelwa eSpain. Owokuqala uzoba seMalaga ngomhla ka-21 kuJanuwari, olandelayo ube seSeville ngesonto elilandelayo.
Abadlali abake bamiswa ukulimala njengoJustin Geduld, Sakoyisa Makata, Dewald Human noMfundo Ndhlovu babuyile ekhempini.
UZain Davids, obengomunye wabagqamile kuleli qembu ngonyaka odlule ukholwa ukuthi ukuhlanganiswa kwabadlali abanamava nalaba abasebancane kuzobasiza ukuthi baqhubeke endleleni efanele.
“Ngiyazi ukuthi umqhudelwano wokuqala kulo nyaka uzodlalelwa eSpain lapho sizobhekana khona neFiji, i-England neScotland. Lawo maqembu sekunesikhathi engadlali ngakho-ke kuzoba mnandi ukuzwana amandla nawo futhi," kusho uDavids.
"Baningi abadlali abasebancane eqenjini kanjalo nabadlali abanamava. Abancane baletha umfutho kanti thina esingomakadebona siletha ulwazi.
“Yinhlanganisela enhle leyo ngoba sonke siyakhuthazana. Njengabadlali abadala kumele sibe siyisibonelo esihle kwabancane.
“Siyakhuluma nabo futhi siyabalalela ngoba ukudlala imidlalo eminingi akusho ukuthi sazi konke nokuthi ngeke sisafunda okusha.”
Umdlali waphambili u-Impi Visser uthi ikhefu likaDisemba alibaphazamisanga futhi bazimisele ukuthi amaCommonwealth Games kanye neNdebe yoMhlaba yeSevens, okuzodlalwa kulo nyaka, kubafice besesimeni esihle.
“Angicabangi ukuthi silahlekelwe wumfutho ngenxa yekhefu,” kusho uVisser. "Sonke besazi ukuthi bekumele sizigcine sisesimeni esifanele nangamaholidi.
“Sifuna ukukhonya kwiWorld Series kulo nyaka, ngakho yonke imidlalo ibaluleke kakhulu.
"Ukuphumelela kwethu eDubai ngisho naseCanada ngeke kube umthwalo, kunalokho kuzosigqugquzela ukuba sibe yiqembu elihamba phambili."
AmaBlitzbokke aqhwakele kwiWorld Sevens Series ngamaphuzu angu-44, alandelwa yi-Argentina ngawu-34 ne-Australia ngawu-32.