Ezemidlalo

AmaBhokobhoko ayiphindile i-England

Nduduzo Dladla|Published

UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ejabula nozakwabo uSibusiso Nkosi no-Aphiwe Dyantyi ngemuva komdlalo ne-England wangempelasonto UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ejabula nozakwabo uSibusiso Nkosi no-Aphiwe Dyantyi ngemuva komdlalo ne-England wangempelasonto

SEKUZE kwaba kabili amaBhokobhoko evuka ezithatha agcine enqobile ochungechunge lwemidlalo emithathu ye-Castle Lager Incoming Series ayidlala ne-England.

Nakuba lokhu kuyisimo esikhathazayo ngoba kwenza abalandeli nomqeqeshi bahlale ngokuminca kodwa ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uthi ezakhe zisuke ziyazi into eziyenzayo.

Emdlalweni we-Test yokuqala obuse-Ellis Park, eGoli, ezikaRassie Erasmus aziqalanga kahle njengoba ziphaphame sezilandela ngemuva ngo-24-3. Nokho zavuka zazithatha zagcina zinqobe ngo-42-39.

NangoMgqibelo kube yinto efanayo ngoba ziphinde zaqala kabi, zavuka sezilandela ngemuva ngo-12-0, eTotoya Stadium, eBloemfontein. Zigcine zinqobe umdlalo ngo-23-12. Lokhu kusho ukuthi ezika-Erasmus sezilunqobile uchungechunge njengoba sezihamba phambili ngo-2-0.

“Akuyona into enhle ukuqala ngokulandela ngemuva kunoma yimuphi umdlalo. Kuyinto okufanele siyilungise futhi yinto ephuthumayo. Okwenzekile emidlalweni emibili wukuthi bekuthi uma sesilandela ngemuva sikhumbule ukuthi umqeqeshi wethu (esho u-Erasmus), uyaye athi singayishintshi indlela esidlala ngayo, njengoba ehlala ethi isitha kufanele sisicindezele zibekwa kuze kube kuphela umdlalo. Okwamanje ngibona kuyilokho okusilekelelayo ngoba sithi uma sesikhuphula igiya kucace ukuthi i-England ikhala ngaphansi,” kusho uKolisi.

UKolisi ubongele uTendai “Beast” Mtawarira obedlala umdlalo wakhe ka-100 eqenjini lesizwe.

Ngemva komdlalo umqeqeshi we-England, u-Eddie Jones, uthwaliswe kanzima yizintatheli zase-England ebezingakufihli ukuthi ziyakungabaza ukuthi kusekhona angakwenzela iqembu.

Uthe usakufanele ukuba ngumqeqeshi kodwa inkinga wukuthi kunabadlali abawu-25 abangekho eqenjini.

Umdlalo wokugcina phakathi kwamaBhokobhoko ne-England, uzoba seCape Town ngoMgqibelo.