USIHLALO weBaroka, uKhurishi Mphahlele, ugonyuluka ngokushiya kwesikhulu esiphezulu, uMorgan Mammila, esijoyine iChippa United.
UMamilla, osebenze kwiBaroka iminyaka eyisihlanu, uthumelele uMphahlele incwadi yokusula isigubhukane ngeSonto. Lingakashoni ilanga iChippa ikuqinisekisile ukuthi uzovala isikhala sikaPeter Kotroulis oxoshwe ngoDisemba. UMphahlele utshele leli phephandaba ukuthi akakugqizi qakala ukuhamba kukaMammila okuvele ukuthi uzoqala kwiChilli Boys ngoJanuwari 14.
“Abantu bahlale beshiya amaqembu bajoyine amanye. Unelungelo lokugcogcoma naye. Ungibhalele incwadi yokwesula. KwiChippa bamthembise imali engcono. Angizange ngizame ukumenyusela ngifinyelele kweyeChippa. Ngisebhizinisini mina. Uma efuna ukuhamba, akahambe ayikho inkinga. Uma iChippa imfuna ayimthathe. Ngeke sixabane noMpengesi (Siviwe) ngenxa kaMorgan. Iminyango lapha ihlale ivuliwe. Ofuna ukuhamba uvumelekile. Mhlawumbe ngelinye ilanga uMorgan uyobuya, asazi. Angixabene naye,” kusho uMphahlele.
Mayelana nozovala isikhala sikaMamimla, uMphahlele uthe: “Ngeke ngiqashe muntu. Maningi kwiPremier Soccer League amaqembu angenazo izikhulu eziphezulu. Akukho emigomeni yeFifa ukuthi kufanele iqembu libe nesikhulu esiphezulu noma yikanjani. Akuphoqelekile. Ngikhona mina, ikhona imenenja, ukhona nomqeqeshi. Iqembu lalikhona uMorgan engekho, lisazoqhubeka futhi njengoba esehambile.”
UMammila ujoyine iChippa enezinkinga zemali njengoba kuvela ukuthi kunabadlali abangasaholi nabakweletwa imali yokusayina. Abanye sebeze bashiya. Kulaba badlali kukhona uJames Okwuosa waseNigeria ozama inhlanhla lwiHighlands Park, Thato Mokeke obuyele kwiCape Town City noNkosinathi Mthiyane obebuyele ekuqaleni kwesizini kwiChilli Boys. Kuvele ukuthi nabanye bayalandela okukhona kubona ukaputeni uMark Mayambela.
Esitatimendeni sokwamukela uMammila, uMpengesi uthe uzoletha amava kulandela ukwenza kahle kwiBaroka.
“Akukhona kuphela ukuthi uyaliqonda ibhola kodwa ungusomabhizinisi omkhulu futhi angingabazi ukuthi uzosiza kakhulu ekuphathekeni kweqembu ahole ngendlela efanele,” kusho uMpengesi.
NgoMgqibelo iBaroka inmdlalo onzima njengoba izobhekana neCape Town City emdlalweni we-Absa Premiership eCape Town Stadium, ngo-8.15 ebusuku.
Leli qembu eliqeqeshwa nguWedson Nyirenda libuya endukwini eliyithole kubakhaya iBlack Leopards ebashaya ngo 1-0 ngempelasonto. Selokhu iBaroaka iwine iTelkom Knockout ngokushaya i-Orlando Pirates kowamanqamu ngoDisemba izinto aziyihambeli kahle emidlalweni yeligi.
Isendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu awu-14 ngemuva kwemidlalo ewu-16.