AKUKHO okuyisipesheli ngobudlelwano beChippa United ne-Orlando Pirates asebehlale beshintshana ngabadlali uma kuvulwe iwindi.
Lokhu kuqinisekiswe ngusihlalo weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi, ngesikhathi exoxa naleli phephandaba.
Njengoba bekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari, iPirates ithenge uDiamond Thopola noPhetso Maphanga kwiChippa kwathi uThabo “Jomo” Rakhale noNkosinathi Mthiyane babolekiswa kwiChilli Boys.
Ekuqaleni kwesizini iPirates iboleke iChippa uBrighton Mhlongo yase idedela uMahlatse Makudubela naye ojoyine ezikaMpengesi. UThamsanqa Sangweni ushiye iChippa wajoyina iPirates. Ngesizini edlule iPirates ithenge uMarc Van Heerden noJames Okwuosa (osebuyele kwiChippa).
Phambilini iPirates ike yadayi-sela iChippa uWilliam Twala noJoseph Molangoane bobabili asebegijima kwiKaizer Chiefs.
“Sifuna ukwakha ubudlelwano obuhle nawo wonke amaqembu amakhulu eNingizimu Afrika. Njengeqembu elisacathula kodwa elinezifiso zokuba yiqembu elikhulu ngelinye ilanga, kumqoka ukuthi sisebenzisane namaqembu amakhulu. Akukho okuyisipesheli ngokusebenzisana kwethu kahle nePirates.
“IChiefs nayo sike sasebenzisana nayo siyidayisela * -Edward Manqele noWilliam Twala. Usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, uyayithakasele into engiyenzayo njengomuntu osemncane. Uthe indlela engenza ngayo izinto imkhumbuza yena esemncane. Usengisize ngezinto eziningi kusukela ngingene ebholeni. Phela akuyona into elula ukuphatha iqembu lebhola,” kusho uMpengesi.
Njengamanje iChippa icijwa yingwazi yeBucs uTebogo Moloi.
“Ukusebenzisana kwethu nePirates kuyasihlomulisa. Uma ithatha abadlali kithina isuke ibathenga. Asinabo abaxhasi ngakho ukudayisa abadlali kuyasisiza njengeqembu. Lapha kwiChippa asisoze sama endleleni yomdlali uma enethuba lokukhula. Ngikholelwa ekuthuthukiseni ikhono. Ngizokwenza umzekelo nje ngoMenzi Masuku. Ubengalitholi ijezi ngemuva kwalokho samdedela mahhala ukuze aye lapho ezofike adlale khona.”
Nokho kuke kwaba nomdonsiswano phakathi kweChiefs neChippa kubangwa uMolangoane ngesizini edlule.
IChippa izobhekana neBaroka FC emdlalweni we-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium kusasa ngo-3.30 ntambama. IPirates yona ayidlali kule mpelasonto. Izoze ibhekane neChippa koweligi eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoFebhuwari 25.
Imidlalo yeNedkCup Last 16: 1. Kaizer Chiefs vs Stellenbosch
2. Cape Town City vs Orlando Pirates
3. Royal Eagles vs Maritzburg United
4. AmaZulu FC vs Ubuntu Cape Town
5. Free State Stars vs Chippa United
6. Mamelodi Sundowns vs EC Bees FC
7. Bloemfontein Celtic vs Richardsbay FC
8. Baroka FC vs Steenburg United