UMQEQESHI weJomo Cosmos, uJomo Sono, ubona inethuba lokudlulela phambili iBafana Bafana eqoqweni layo kwi-Afccon
SEKUYOMELE iBafana Bafana iyodlala ibhola lasemasontweni uma ihluleka wukudlulela esigabeni somkhumulajezi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) engoJuni e-Egypt.

Lokhu kushiwo u-Ephraim “Jomo” Sono emuva kokuqhathwa kwamazwe awu-24 azodlala kulo mqhudelwano ngempelasonto.

IBafana ingene kuGroup D neMorocco, Ivory Coast neNamibia, iqoqo abaningi abalibona njengelinzima.

Kungokokuqala i-Afcon idlalwa ngamazwe awu-24. Amaqembu amabili azoqeda phezulu emaqoqweni ayisithupha azodlulela phambili namanye amane azoqeda ngamaphuzu angcono endaweni yesithathu, okusho ukuthi awu-16 amaqembu okumele angene esigabeni somkhumulajezi.

Kungalesi sizathu uSono, owake wapheka iBafana, ebona kufanele iyodlala nezalukazi namakhehla uma ingasheshe iphume kulo mqhudelwano.

“Ngicabanga ukuthi bazokwenza kahle. Nginesiqiniseko sokuthi sizoyishaya iNamibia. I-Ivory Coast ayikaze isehlule. IMorocco sayishaya kuma-quarterfinal eBurkina Faso (kunguyena uSono umqeqeshi). Ngokwami akulona iqoqo elinzima leli. Singadlula nje ngoba kufanele kuphume amaqembu amabili phezulu namane azoqeda kangcono. INingizimu Afrika kufanele ibe kwamabili aphezulu noma ibalwe namaqembu amane. Uma bengakwazi ukwenza njalo hhayi kusho ukuthi kumele siyodlala kula maligi amasonto,” kusho uSono.

Ngokubona kukaSono iBafana inabadlali abahle, ingahamba ibanga elide kwi-Afcon.

“Konke kuzoncika osukwini ukuthi silulungisele kanjani (umdlalo). Kodwa uma ubheka umlando weqembu belenza kahle emidlalweni yasekuhambeni bese lifike lixakeke lapha ekhaya. Singalihamba ibanga elide.”

Umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, utshele abezindaba ngoMgqibelo ukuthi ubona enethuba elilinganayo namaqembu abaqhathwe nawo lokudlulela phambili.

“Leli yiqoqo esizoya kulo ngaphandle kokuba nokuzingabaza. Nabo bazoza kithina besazi ukuthi siyingozi. Nakuba kunjalo akufanele siyibukele phansi iNamibia uma ubheka indlela ezibekisele ngayo indawo. Ngeke kube lula ukudlala nayo kuwona wonke umuntu. Iqoqo ngilibona linzima kodwa futhi lihle,” kusho uBaxter kwi-website yeSafa.

IBafana izovula umqhudelwano ne-Ivory Coast ngoJuni 24 eCairo, ilandele neNamibia ngoJuni 28, ivale neMorocco ngoJulayi 1.