Ezemidlalo

Akudikizi nqulu koweDowns 'ngokuphunyula' ithuba koweCaf

Mthokozisi Mncuseni|Published

BALIJABULELE kanje igoli likaLucas Ribeiro abadlali beMamelodi Sundowns kowomlenze wokuqala wowamanqamu weCaf Champions League nePyramids FC yase-Egypt

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ukwamukele ukuthi iPyramids FC ibeqile ngomqondo kodwa lokhu akusho ukuthi sekuphelile ngaleli qembu laseChloorkop ngoba basengawuqedela umsebenzi ekuhambeni emdlalweni womlenze wesibili wamanqamu weCaf Champions League.

ISundowns izifake obishini ngokuvumela iPyramids ibuye seliyoshona, zagcina zibambene ngo 1-1 kowomlenze wokuqala wamanqamu ngoMgqibelo eLoftus Versfeld, ePitoli.

“Ngaphandle kokucasha ngesithupha kodwa iqiniso wukuthi kusadlalwe izigaba zokuqala ezimbili zomdlalo, ngakho-ke kufana nokuthi usekhefini,” kusho uCardoso esithangamini nabezindaba.

“IPyramids iphumelele ukwenza lokhu ebifuna ukukwenza kwazise isiwombe sokuqala sonke asikwazanga nhlobo ukuhlanganisa amaphasi ngendlela esijwayele ngayo. Zibambene ngo 1-1 okusho ukuthi kusengenzeka noma yini kulo mdlalo kwazise kusenezigaba ezimbili zawo okusafanele zidlalwe ngaphambi kokufika emphumeleni.

“Engingakungabazi wukuthi owomlenze wesibili uzohluka kunowokuqala okuyilapho kuzovuleka namathuba ethu okwenza ngendlela esijwayele ngayo.

“Ngeke ngikufihle ukuthi kuningi okungazange kuhambe kahle kulo mdlalo kodwa lokhu bekudalwa yindlela isitha ebesihlele ngayo, ngakho-ke ngiyasibongela ngokuthola lokhu ebesikuzele.

“ISundowns ikuqonda kahle okufanele ikwenze kowomlenze wesibili walo mdlalo. Kuzobe sekuyiPyramids okufanele inqume noma ihlala emuva kumbe izama ukwandisa kulokhu enakho."

Kube nesililo ngokungoqa kwakhe noThemba Zwane kodwa uziphendulele kwabezindaba.

“Bonke abadlali bebefisa ukuba yingxenye yalo mdlalo ngoba owamanqamu kodwa futhi kuwumsebenzi wami ukuvikela abamqoka kithina njengoZwane.

“Njengoba bengishilo kuseyisiwombe sokuqala, ngakho-ke kwesesibili kuningi okusengashintsha okuhlanganisa nabadlali abaqala umdlalo. Konke esikwenzeyo kusuke kulandela esikutshelwe yizinhloli zethu ngakho-ke owasekuhambeni ungaba ngcono kakhulu uma kukhona uZwane enkundleni,” kusho uCardoso.

ISundowns ehambe phambili ngegoli likaLucas Ribeiro alishaye ngesiwombe sesibili, izobhekana nePyramids kowomlenze wesibili ngeSonto e-30 June Stadium, eCairo.