I-ORLANDO Pirates ingena ezintangeni ngenkontileka entsha kakaputeni uHappy Jele osethubeni lokuqukula isicoco se-Absa Premiership kusasa.
Inkontileka kaJele ayivuselele ngonyaka ekuqaleni kwesizini iyaphela ngenyanga ezayo. UJele, ojoyine iPirates ngo2006, ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme kule sizini kweZimnyama. Uhole iPirates wayifaka kowamanqamu weTelkom Knockout futhi isethubeni lokuwina isicoco se-Absa Premiership.
Isikhulu sePirates uFloyd Mbele sithe: “Kungani ufuna ukwazi ngenkontileka kaJele kubona bonke abadlali abasesimeni esifana nesakhe? Ngicabanga ukuthi kufanele sigxile emdlalweni esizowudlala ngempelasonto esikhundleni sezinkontileka. Akukho engizokukhuluma.”
Eminyakeni edlule bakhona okaputeni kwiPirates abaqale isizini bengenazo izinkontileka okukhona kubona uLucky Lekgwathi noSiyabonga Sangweni asebephanyeke amakhokho emgibeni.
IPirates isendaweni yesibili kwilog yePremiership ngamaphuzu awu-54 emuva kwemidlalo ewu-54. Eqhulwini kuhleli iSundowns ngawu-56.
Kusasa iPirates izovala isizini
nePolokwane City e-Orlando Stadium eSoweto ngo-3 ntambama. Kufanele iwine lo mdlalo, ithembe ukuthi iMamelodi Sundowns izohluleka ukucosha amaphuzu agcwele kwiFree State Stars eGoble Park.
Ngaphezu kwalokho kusabhekwe isinqumo seSouth African Football Association (Safa) ngecala elidluliswe yiPremier Soccer League (PSL) elithinta iMamelodi Sundowns nomdlali wayo uWayne Arendse eselisuse umsindo.
I-PSL iphikisa isinqumo sesigungu sayo esiqondisa bugwegwe esinqume ukuthi iSundowns no-Arendse bahlawuliswe imali. I-PSL, eholwa ngu-Irvin Khoza ongusihlalo wePirates, ifuna iSundowns iphucwe amaphuzu kuphinde kuhlawuliswe u-Arendse.
Kungenzeka imidlalo yeligi iphele kodwa kungaziwa iqembu elingompetha ngenxa yokudonsa kwecala.
“Lo mdlalo sizobhekana nawo njengayo yonke imidlalo, akukho okuhlukile. Besivele sizinikela kusukela kuqale isizini ngakho akukho okuhlukile okufanele sikwenze ngoMgqibelo. Sidlale ngokulingana neCape Town City kodwa lokho akusithenanga amandla,” kusho uMbele. Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa ngo-3 ntambama: SuperSport United v Highlands Park (Lucas Moripe Stadium); Orlando Pirates v Polokwane City (Orlando Stadium); Black Leopards v Cape Town City FC (Thohoyandou Stadium); Bloemfontein Celtic v AmaZulu FC (Sisa Dukashe Stadium); Lamontville Golden Arrows v Bidvest Wits (Sugar Ray Xulu Stadium); Chippa United v Kaizer Chiefs (Nelson Mandela Bay Stadium); Baroka FC v Maritzburg United (Old Peter Mokaba Stadium); Free State Stars v Mamelodi Sundowns (Goble Park)