KUNGENZEKA ukuthi isilomo seKaizer Chiefs esinguTsepo “Chester” Masilela sesiyifunde ivaliwe eyokuthi inkontileka yaso naMakhosi ephelayo ngoJuni 30 ngeke ivuselelwe.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi uMasilela oneminyaka engu-33 ubudala efake ku-Twitter wakhe isithombe esiwumfanekiso wezandla ezihlangene ezikhombisa ukubonga wase ebhala ukuthi, “isiqalo esisha”. Lo mbhalo ubuhambisana namafulegi amabili ase-United States of America.
Isolezwe lingakudalula ukuthi kunemibiko ethi uMasilela nomndeni wakhe banomuzi e-USA. Akuqinisekisiwe lokho kodwa leli phephandaba lingakusho ukuthi uMasilela ujwayele kuleliya zwe kwazise eminyakeni edlule ubeke alivakashele uma kuvale isizini.
Njengoba iChiefs ingazange ifihle ukuthi izokwenza izinguquko ezinqala, kungenzeka uMasilela usetsheliwe ukuthi inkontileka yakhe ngeke ivuselelwe. Ngesikhathi kubuzwa ophethe izindaba zikaMasilela, uMike Makaab, uthe: “Akukho okuningi esingakukhuluma manje ngoba kuvaliwe kodwa ngingaqinisekisa ukuthi ngizohlangana maduze neChiefs ukukhuluma ngoMasilela.”
Ebuzwa uMakaab ukuthi ngabe akhona yini amathuba okuthi uMasilela ahlale kwiChiefs, akafunanga ukucacisa.
“Konke kulele kubona kodwa uma kungenjalo uMasilela ngeke ashode ngomsebenzi ngoba kumanje baningi ababuzayo ngaye,” kusho uMakaab.
Le nkakha yebhola laseNingizimu Afrika, kwazise uke wadlala kwiGetafe ekwiSpanish La Liga nakwiBafana Bafana, ibonakale emidlalweni emine kuphela ngesizini edlule. Indawo yakhe ibidlalwa uPhilani Zulu ofike wayithatha. Kusemqoka nokho ukukubalula ukuthi uZulu uthathe ijezi ngoba uMasilela ubelimele. Ngakwesokunxele emuva iChiefs ibophele nomfana omncane othembisayo uSiphosethu Ntiyantiya noSibusiso Khumalo.
Ngokusho kweChiefs izobuyela emsebenzini ngoJuni 25 ngakho-ke okwamanje akukho ezokukhuluma ngezinguquko kodwa izokwenza njengoba ihlale yenza ngokubiza isithangami nabezindaba lapho kuzovela khona konke okusha. Kulokhu akukona okwabadlali kuphela kepha kubhekwe nomqeqeshi omusha.
Indaba yokuphelelwa yindawo kaMasilela iqale ukuqapheleka ngoJanuwari lapho uMakaab etshele khona Isolezwe ngobunzima bokukhuluma izindaba zenkontileka kaMasilela neChiefs ngoba ubelimele futhi nalaba abadlala indawo yakhe benza kahle.
UMasilela usize iChiefs idla izicoco ezimbili zeligi kusukela efike khona ngo-2012 esuka kwiGetafe eyamvulela amathuba okubhekana nabadlali abafana noCristiano Ronaldo weReal Madrid noLionel Messi weFC Barcelona.
Abanye abadlali beChiefs okungacaci noma bazobuya yini ngesizini ezayo ngu-Edmore Chirambandare, Bongolwethu Jayiya, William Twala, Keagan Buchanan noKgotso Malope. UBrilliant Khuzwayo obengunozinti uvele ushilo ukuthi ngeke abuye kanti ukhonjwa kwi-Orlando Pirates.